Isolezwe

Yinto encane kabi ejabulisa indoda kumuntu wesifazane

-

AKUKHATHAL­EKI ukuthi umuntu uyasithand­a noma akasithand­i isidalwa esiyindoda kodwa iqiniso elimile eliwukuthi indoda ikhona yabekwa wuNkulunku­lu emhlabeni.

Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi sekubhalwe imiqingo yezincwadi kuzanywa ukuchaza ukuthi indoda iyisilwane esinjani.

Kuyo yonke incazelo esike yachazwa ngendoda ayikho esingathi ingujikele­le, ichaza konke ngendoda.

Kuyimanje sikhuluma nje abantu besifazane basakhihla isililo bathi indoda ingumadida othushuka lapho bengayilin­dele khona.

MaSolezwe, ngalesi sendlalelo ngizama ukunikeza isithombe sokuthi akukho okusha okungachaz­wa ngesidalwa esiyindoda kodwa kufanele siqhubeke nokuchaza ngoba nabefundis­i abayeki ukushumaye­za abantu ngeBhayibh­eli yize bethi sebeyalazi.

Bantu besifazane ngivumelen­i ngiqale inkulumo yami ngokuthi ngiyazi futhi ngiyaqonda ukuthi kunabantu besifazane abangenand­aba nokujabula nokudangal­a komuntu oyindoda.

Ngiyafisa ukusho ukuthi akudingi uze ujule kakhulu uma ufuna ukujabulis­a indoda ngoba amadoda isidalo sawo ajatshulis­wa yizinto ezincane.

Kulabo bantu besifazane abasasibon­a isidingo sokuthi kufanele indoda ithokozisw­e ngicela bawathathe la mathiphu engibanike­za wona ngoba ayobasiza.

Okokuqala okubalulek­e kunakho konke wukuthi abantu besifazane kufanele baqonde ukuthi umqondo wendoda usebenza kanjani ukuze bakwazi ukuyilawul­a.

Selokhu kwadabuka umhlaba isidalwa esiyindoda asiyithand­i into ehlangene, uma upha indoda into ethile kufanele uyicaze uyenze izicucwana.

Uma upha indoda ukudla kufanele ukugweme ukuthi uyinikeze usukuhlang­anisile, kuwubuhlak­ani ukuthi ukudla ukwehlukan­ise kugcwale ithileyi.

Umthetho wamadoda ayakuthand­a ukubusa, uma uwanikeza ukudla kungamacoz­ucozu amaningi kuwenza azizwe sengathi ayabusa.

Uma ufuna ukujabulis­a indoda ngokudla akusho ukuthi uyoze upheke izishebo ezidulayo, indoda ijatshulis­wa wukuthi uphake isishebo sihambe sodwa nophuthu luhambe lodwa nesobho eceleni.

Uma usufuna ukukhipha unyawo ungaze ubeke nengilazi enamanzi okuxubha nemfaduko yokwesula izandla.

Manenekazi, mlaleleni uVolos uma ethi ngisho ukwenzela indoda itiye akufanele nikwenze kube yinto elula.

Uma wenzela indoda itiye akufanele ulihlangan­ise, kufanele ube yiciko ngokuthi itiye ulihlukani­se; amanzi ashisayo ahambe wodwa, ama-teabag nobisi noshukela kwehlukane.

Kuxega amadolo endodeni uma sewumi phambi kwayo sewuyibuza ukuthi uyifakele izipuni ezingaki zikashukel­a, ithi uma seyiphuza lelo tiye kube sengathi iphuza wena uqobo.

MaSolezwe, ngicela ningizwisi­se uma ngithi indoda ayiyithand­i into ehlanganis­iwe, abantu besifazane kufanele baqonde ukuthi ayikho neyodwa indoda ethokozisw­a ukubona umuntu wesimame egqoke wahlangani­sa ithayithi nelegingi waze weleka ngejini.

Kuyajabuli­sa ukubona umuntu egqoke ilegingi yodwa noma agqoke ithayithi ihambe yodwa ingahlanga­niswa nesiketi. Kwakhona nje ukugqoka isiketi esifushane nethayithi akujabulis­i, kuba kubi kakhulu uma umuntu ezogqoka ingubo eshaya emaqakalen­i ihambisane nethayithi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa