Owe-ANC uvuma uR2m waseVBS
UMGCINIMAFA we-ANC uMnuz Paul Mashatile uvumile ukuthi i-ANC yawuthola uR2 million kwiVele Investments ephethe iVBS Mutual Bank wathi inhlangano izimisele ukuyibuyisela imali.
Uthe uR2 million wakhokhwa yiVele Investments ikhokhela inkampani eyayenzele i-ANC umsebenzi othile.
“Angazi ukuthi yayenze muphi umsebenzi leyo nkampani futhi bengingakwazi ukuyithola imali ngoba ayifakwanga emabhukwini enhlangano kodwa yakhokhwa yiVele Investments ngo-2016 ngesikhathi sokukhankasela ukhetho. Wumgcinimafa omdala onginike imininingwane ngoba bengingenayo,” kusho uMashatile.
UMashatile ubekhuluma nentatheli yakwa-eNCA ebimbuza ngemali esuse umsindo.
Ngaphandle kukaR2 million uMashatile uphinde wathi iVele yathenga itafula ngoR250 000 emcimbini weProgressive Professionals Forum (PPF) kodwa-ke zazingakabibikho izigameko zeVBS.
“Uma sinemicimbi baningi osomabhizinisi abathenga amatafula, sisuke sinethemba lokuthi bawenza kahle umsebenzi wabo yingakho singabacwaningi. Sizimisele ukubuyisela imali emuva uma kutholakala ukuthi inikelwe ngendlela engekho semthethweni,” kusho uMashatile.
Ugqugquzele abaholi be-ANC abathinteka odabeni lweVBS noma abasolwa ngenkohlakalo ukuthi basheshe bachazele isigungu sokuziphatha ngabakwenzayo.
Uthe ngeke asho ukuthi uNgqongqoshe wezaseKhaya uMnuz Malusi Gigaba ehle esikhundleni kodwa ufuna amalungu e-ANC aziphathe kahle, ahloniphe nomthetho.
“Uma ikomiti lokuziphatha lithi abantu abehle ezikhundleni kufanele bahloniphe izinqumo ukuze bageze amagama abo. Wonke umuntu kufanele alandele umthetho ngisho abaholi be-ANC,” kusho uMashatile.
Mayelana nama-etolls uthe abantu baseGauteng abakwazi ukuwakhokhela ngoba vele banawo amatolls njengakwezinye izifundazwe kodwa amasha amba eqolo ngakho kufanele kuqhanyukwe nelinye icebo lokuwakhokhela.
Uphinde wagxeka ukudilizwa kwabantu ezinkampanini ezizimele nakwaSABC wathi abahambisani nakho ngoba zikhona izindlela zokonga imali ngaphandle kokudiliza abantu.