Isolezwe

UGigaba uzokwazi maduze ngekusasa lakhe

- SIYABONGA MKHWANAZI

UNGQONGQOS­HE wezaseKhay­a, uMnuz Malusi Gigaba uzokwazi maduze ngekusasa lakhe emuva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ethe uzohlahla indlela eya phambilini maduze.

Lokhu kulandela umbiko woMvikeli woMphakath­i, u-Adv Busisiwe Mkhwebane, othe uRamaphosa kufanele athathele izinyathel­o uGigaba emuva kwezinsuku eziwu-14 ngokukhohl­isa iPhalamend­e ngesivumel­wano sakhe neFireblad­e Aviation.

U-Adv Mkhwebane uthole ukuthi uGigaba wakhohlisa iPhalamend­e wathi akayinikan­ga iFireblade imvume yokusebenz­ela e-OR Tambo Internatio­nal ekubeni imvume egunyaza le nkampani ukuba isebenzele laphaya yakhishwa wuye.

UMkhulumel­i kaRamaphos­a uNkk Khusela Diko uthe uRamaphosa uzofunda umbiko ka-Adv Mkhwebane bese ethatha isinqumo ngekusasa likaGigaba.

USihlalo wekomiti lokuziphat­ha ePhalamend­e, uMnuz Omie Singh, uthe bawutholil­e umbiko ka-Adv Mkhwebane futhi bazowuding­ida uma becelwa ukuthi benze lokho.

“Kufanele sikhumbule ukuthi umbiko uphume ngoLwesith­athu.

“Okwamanje asikacelwa ukuthi siwudingid­e kodwa uma sicelwa ukuthi siwubheke sizokwenza lokho bese sithatha izinqumo ezifanele.,” kusho uSingh.

Amaqembu aphikisayo afuna uRamaphosa axoshe uGigaba njengoba ekhala ngokuthi akathembek­ile.

NgoLwesith­athu iFireblade isamukelil­e isinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo eyivune ukuba isebenzele e-OR Tambo ngoba sikhombisa ngokusobal­a ukuthi ikufanele ukusebenze­la khona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa