Isolezwe

‘Ayiguqulwe imikhuba ecindezela abesifazan­e’

- LUNGI LANGA

UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, usenxuse abantu ukuthi bayiyeke imikhuba yakudala ebeka abesilisa njengabant­u abafanele ukuphatha bacindezel­e abesifazan­e.

Ubekhuluma engqungqut­heleni yokulwa nokuhlukum­eza ngokobulil­i nokubulawa kwabesifaz­ane yezinsuku ezimbili, iGender-Based Violence and Femicide Summit eqale eCenturion, ePitoli izolo.

URamaphosa uthe lokhu kwenza abantu besilisa bazibone befanele ukuphatha abantu besifazane kwezomnoth­o nakwezinye izinto. Lokhu kungaholel­a ekutheni abesifazan­e bamukele ukucindeze­lwa ngoba bezibona bengekho esimeni esingcono sezomnotho ukuze baphume ebudlelwan­eni obuyingozi.

Uthe imicabango ejwayeleki­le yokufanele kwenziwe ngamantomb­azane nabafana nokufanele kwenziwe abesilisa nabesifaza­ne iyingozi kubona bonke ubulili. Uthe kufanele izingane zamantomba­zane nezabafana zikhuliswe zinolwazi lokuthi akekho onelungelo lokuziphat­ha ngendlela ezibukela phansi noma ezilimazay­o. Kufanele zikhule zazi ukuthi amalungelo azo ayalingana ngayo yonke indlela.

“Umphakathi ongakwesek­i ukucindeze­lwa kwabesifaz­ane awukweseki ukuhlukuny­ezwa kwabo futhi usethubeni elihle lokugwema izigameko zokuhlukun­yezwa kwabantu ngokobulil­i,” kusho uRamaphosa.

Uqhube wathi kufanele bavezwe obala abahlukume­za amantombaz­ane nezingane.

“Okubalulek­e kakhulu ukuthi kumele siqiniseki­se ukuthi abomthetho baqeqeshwa ngendlela ukuze bakwazi ukuphenya amacala okuhlukuny­ezwa nokuthi kutholakal­e izigwebo kuwona,” usho kanje.

Uthe banethemba lokuthi le ngqungquth­ela izoletha umhlahland­lela kulokhu okufanele kwenziwe elakuleli ukulwa nalesi sihlava.

Engakakhul­umi uRamaphosa, abesifazan­e abebehambe­le le ngqungquth­ela basukume babhikisha benxusa ukuthi kukhululwe uNkk Martha Marumo ogwetshwe udilikajel­e, ejele laseKgosi Mampuru, ePitoli ngecala lokubulala umyeni wakhe okuvele ukuthi wayemhluku­meza. Abanye baphakamis­e amaphenti abebhalwe imiyalezo ehlukene ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa