Isolezwe

Bazolwela amaphoyisa agundisway­o

- ZANELE MTHETHWA noSNE MASUKU

UMKHANDLU omele abenkolo yobuNazare­tha uthe uzowalwela amaphoyisa aphoqwa ukuthi agunde izinwele ngoba lokho kunyathela ilungelo lawo lenkolo.

Lokhu kushiwo nguMnuz Willington Myeni onguSihlal­o weNazareth Judiciary Council emuva kokuba kuvele ukuthi kunabaphat­hi beziteshi abawanqume­le ugwayi katiki amaphoyisa angafuni ukugunda. UMyeni uthe bazwile ngalolu daba futhi bazolwa baze bafike enkantolo uma kunesiding­o. Amanye amaphoyisa akhulume neDaily News enguzakwab­o waleli phephandab­a athe atshelwe ukuthi azothathel­wa izinyathel­o uma engagundi izinwele nentshebe. Aveze nokuthi atshelwe ukuthi lokhu kuvele ehhovisi likaKhomis­hana obambile esifundazw­eni uLieutenan­tGeneral Nhlanhla Mkhwanazi.

“UMthethosi­sekelo wakuleli uvikela wonke umuntu nangokwenk­olo yakhe. Amaphoyisa akumele aphoqwe ukuthi agunde uma kuphambene nenkolo yawo. Kumele kubekwe imibandela yokuthi izinwele azikanywe kahle zihlanzeke, kanjalo nentshebe. Sibhekene nenselelo yokuthi abanye omasiteshi vele banenkinga ngenkolo yamaNazare­tha, abayithand­i,” kusho uMyeni.

Uthe wonke amaphoyisa aphoqwayo kumele abikele bona emkhandlwi­ni wabo badlulisel­e udaba ezinhlaken­i ezifanele naseNkanto­lo yoMthetho-sisekelo.

Iphoyisa elicele ukungadalu­lwa elisebenze­la kwesinye isiteshi eThekwini litshele Isolezwe ukuthi liyiNazare­tha kodwa liyazama ukuhloniph­a umsebenzi noma kuphambene nenkolo yalo. Lithe uma kunenhlang­ano enkulu yebandla alizigundi izinwele nentshebe.

Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Jay Naicker, uthe lona ngumthetho omdala wasemaphoy­iseni awuveli kukhomisha­na obambile. Uthe kuwumseben­zi wawo wonke umphathi siteshi ukuqinisek­isa ukuthi amaphoyisa ayayihloni­pha imithetho yokuziphat­ha nokugqoka kahle umfaniswan­o.

“Uma naye umphathi siteshi ehlulekile ukwenza umsebenzi wakhe angazithol­a enecala lokungazip­hathi kahle,” kusho uNaicker.

Udaba lwemigomo yokuziphat­ha kwamaphoyi­sa lusemathen­i ngenxa yephoyisa lasePineto­wn elidume ngokuncony­wa ezinkundle­ni zokuxhuman­a osekuqubuk­e umsindo ngoba line-tattoo engalweni. Amaphoyisa awavumelek­ile ukungena embuthweni enamatatto­o asezindawe­ni ezisobala. Isolezwe lithole nokuthi iphoyisa alivumelek­ile nokwanga uma ligqoke umfaniswan­o emphakathi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa