I-Bucs ayicacisi ngokusayinisa obeyisitobha seCeltic
AYIPHUMELI obala i-Orlando Pirates ngokusayinisa isitobha esisanda kushiya isigubhukane kwiBloemfontein Celtic, u-Alfred Ndengane.
I-Premier Soccer League (PSL) ikhiphe uhlu lapho khona iveza abadlali abanamakhadi aphuzi, nalabo abangeke bedlale ngenxa yezijeziso zamakhadi. Kuzothi kusasa nangeSonto kudlale ama-quarter final emqhudelwaneni iTelkom Knockout (TKO).
Kumangaze abaningi ukubona igama likaNdengane ohlwini lwabadlali bePirates abanamakhadi aphuzi. Lokhu kushiye imibuzo kwazise iwindi lokuthengiswa kwabadlali alikavulwa, futhi nayo iBucs ibingakaze iphumele obala ngokuthi lesi sitobha sekukhona yini esikusayinile.
Empeleni ukuvela ngalolu hlobo kwegama likaNdengane ohlwini lwabadlali beBucs, kuhumusheke ngokuthi iPirates isimbhalisile ohlwini lwabadlali bayo kwiPSL.
Leli phephandaba liyakuqonda ukuthi uNdengane, uyaziqeqesha neZimnyama nokukholakala ukuthi ubezosayina ngoJanuwari nxa sekuvuleka iwindi lokuthengiselana ngabadlali.
UNdengane ushiye kwiCeltic ngasekuqaleni kwenyanga edlule. Ushiya nje iSiwelele sidonsa kanzima, njengoba sinekinga yemali. Eminye imibiko ithe kunabadlali abangakhokhelwe sekuphele izinyanga.
Kuvelile ukuthi uNdengane uhlale phansi neqembu badingida inkinga yemali base bevumelana ngokuthi inqanyulwe inkontileka yakhe. Isikhulu esiphezulu kwiPirates, uFloyd Mbele, asiphumelanga obala ngokuthi uNdengane usesayinile yini neBhakabhaka.
“Sizolinda isikhathi esifanale bese sidalula konke okufanele ngokuthinta uNdengane. Yilokho nje engingakusho njengamanje,” usho kanje uMbele ebuzwa ngokubonakala kukaNdengane ohlwini lwabadlali bePirates Ithemba Laba Gembuli lwamakhadi kwiPSL.
Libuza leli phephandaba ukuthi ngabe yiphutha yini ukufakwa kwegama likaNdengane ohlwini lwePirates lwabanamakhadi kwiTelkom Knockout, uthe: “Njengamanje sisaxinwe ukuthi iqembu linemidlalo eminingi emiqhudelwaneni ehlukene. Kulikhuni satshe ukuthi singakhipha izimemezelo zalolu hlobo. Kuyothi uma kuvela ithuba, sikunekele konke izwe okuthinta uNdengane.”
Kusasa kulindeleke ukuthi kushunqe uthuli eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, uma sekutholana phezulu AmaZulu nePirates emdlalweni weTelkom Knockout ngo-6 ntambama.
La maqembu ake ahlangana emdlalweni we-Absa Premiership eKing Zwelithini, eMlaza lapho kuphele khona zibambene ngo 1-1. Komunye umdlalo weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, kuzotholana phezulu iKaizer Chiesf neSuperSport United ngeSonto ngo-3 ntambama.
IMamelodi Sundowns izobhekana neBaroka FC eNew Peter Mokaba Stadium, kusasa ngo-3 ntambama. Ngo-8.15 ebusuku amehlo azobe ethe nje eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, lapho kuzohlangana khona