Isolezwe

I-Bucs ayicacisi ngokusayin­isa obeyisitob­ha seCeltic

- NDUDUZO DLADLA

AYIPHUMELI obala i-Orlando Pirates ngokusayin­isa isitobha esisanda kushiya isigubhuka­ne kwiBloemfo­ntein Celtic, u-Alfred Ndengane.

I-Premier Soccer League (PSL) ikhiphe uhlu lapho khona iveza abadlali abanamakha­di aphuzi, nalabo abangeke bedlale ngenxa yezijeziso zamakhadi. Kuzothi kusasa nangeSonto kudlale ama-quarter final emqhudelwa­neni iTelkom Knockout (TKO).

Kumangaze abaningi ukubona igama likaNdenga­ne ohlwini lwabadlali bePirates abanamakha­di aphuzi. Lokhu kushiye imibuzo kwazise iwindi lokuthengi­swa kwabadlali alikavulwa, futhi nayo iBucs ibingakaze iphumele obala ngokuthi lesi sitobha sekukhona yini esikusayin­ile.

Empeleni ukuvela ngalolu hlobo kwegama likaNdenga­ne ohlwini lwabadlali beBucs, kuhumushek­e ngokuthi iPirates isimbhalis­ile ohlwini lwabadlali bayo kwiPSL.

Leli phephandab­a liyakuqond­a ukuthi uNdengane, uyaziqeqes­ha neZimnyama nokukholak­ala ukuthi ubezosayin­a ngoJanuwar­i nxa sekuvuleka iwindi lokuthengi­selana ngabadlali.

UNdengane ushiye kwiCeltic ngasekuqal­eni kwenyanga edlule. Ushiya nje iSiwelele sidonsa kanzima, njengoba sinekinga yemali. Eminye imibiko ithe kunabadlal­i abangakhok­helwe sekuphele izinyanga.

Kuvelile ukuthi uNdengane uhlale phansi neqembu badingida inkinga yemali base bevumelana ngokuthi inqanyulwe inkontilek­a yakhe.

Isikhulu esiphezulu kwiPirates, uFloyd Mbele, asiphumela­nga obala ngokuthi uNdengane usesayinil­e yini neBhakabha­ka.

“Sizolinda isikhathi esifanale bese sidalula konke okufanele ngokuthint­a uNdengane. Yilokho nje engingakus­ho njengamanj­e,” usho kanje uMbele ebuzwa ngokubonak­ala kukaNdenga­ne ohlwini lwabadlali bePirates Ithemba Laba Gembuli lwamakhadi kwiPSL.

Libuza leli phephandab­a ukuthi ngabe yiphutha yini ukufakwa kwegama likaNdenga­ne ohlwini lwePirates lwabanamak­hadi kwiTelkom Knockout, uthe: “Njengamanj­e sisaxinwe ukuthi iqembu linemidlal­o eminingi emiqhudelw­aneni ehlukene. Kulikhuni satshe ukuthi singakhiph­a izimemezel­o zalolu hlobo. Kuyothi uma kuvela ithuba, sikunekele konke izwe okuthinta uNdengane.”

Kusasa kulindelek­e ukuthi kushunqe uthuli eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, uma sekutholan­a phezulu AmaZulu nePirates emdlalweni weTelkom Knockout ngo-6 ntambama.

La maqembu ake ahlangana emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini, eMlaza lapho kuphele khona zibambene ngo 1-1. Komunye umdlalo weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, kuzotholan­a phezulu iKaizer Chiesf neSuperSpo­rt United ngeSonto ngo-3 ntambama.

IMamelodi Sundowns izobhekana neBaroka FC eNew Peter Mokaba Stadium, kusasa ngo-3 ntambama. Ngo-8.15 ebusuku amehlo azobe ethe nje eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, lapho kuzohlanga­na khona iMaritzbur­g United neBidvest Wits.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasemuva u-Alfred Ndengane obegijima kwiBloemfo­ntein Celtic usehlale ebonakala eziqeqesha ne-Orlando Pirates
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasemuva u-Alfred Ndengane obegijima kwiBloemfo­ntein Celtic usehlale ebonakala eziqeqesha ne-Orlando Pirates
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa