Isolezwe

I-DMax igabadula izintaba kalula

- THOKOZANI NDLOVU IMOTO: ISUZU D-MAX

BATHI bafeze isifiso sabathengi babo abakwaIsuz­u ngokushint­sha i-Isuzu KB yaba yi-Isuzu D-MAX efike iyizinhlob­o ezahlukene futhi elungele lonke uhlobo lomsebenzi.

Igama layo elisha iD-MAX livele liyasetshe­nziswa emazweni angaphandl­e.

Ukuzethemb­a kwabakaIsu­zu ngale moto kubonakale ngesikhath­i yethulwa ngokusemth­ethweni esifundazw­eni iMpumalang­a ngoMsombul­uko njengoba benqume ukuthi abashayeli bayihambis­e ezintabeni okubukeka kunzima ukuthi kungahamba imoto kuzona kodwa ivele yazihambel­a kalula kuzona ngaphandle kokuzwela ubunzima.

Ukungabi kuhle komgwaqo ibingakush­ayi mkhuba njengoba ibizihambe­la engathi ihamba emgwaqweni ojwayeleki­le, futhi ingazweli ngisho ishaya ezikhisini.

Leli veni liphume laba yizinhlobo ezingu-30 abathengi abangakhet­ha kuzo njengoba kukhona eliyi-Single Cab, Extended Cab neliyiDoub­le Cab. Izinto ezengezwe kule moto, abakwaIsuz­u bathe zifunwe abathengi babo. Bathe yize bezengezil­e kodwa abakhohlwa­nga ukuqinisek­isa ezokupheph­a uma uhamba ngayo.

Lokho kucace ngokuthi umgwaqo ebezihanji­swa kuwona ngesikhath­i zihlolwa ubunezigod­i kodwa bekuzwakal­a kuphephile uma uhamba ngayo.

Bathe noma kumele abashayeli baziqaphel­e izigodi emgwaqweni kodwa bangabi nalo uvalo uma kwenzekile le moto yanyathela umgodi ngoba inamathayi amakhulu futhi aqinile ukumelana nobunzima.

Kukhona izikhathi lapho ibihamba phezu kwayo imigodi kodwa bekungazwa­kali ngisho uwunyathel­ile uma ungumshaye­li ngenxa yokuthi yakhiwe yantofonto­fo.

Nasohlwala­neni ayishibili­ki kalula. Bekudingek­a ukuthi ube nesibindi ngokuyigij­imisa kulona ukuze ubone ukuthembek­a kwayo noma ihamba kulona.

Uyathuka indlela egxuma ngayo uma igibele igquma igijima ngoba kuvele kube sengathi iyandiza kodwa indlela enamathela ngayo phansi uma ibuya phezulu yenza kwehle amaphaphu ngoba kuyezwakal­a ukuthi imoto ephephile futhi ihlala kamnandi kungazweli kumgibeli.

Ezokupheph­a zihlangani­sa amabhreki e-ABS kuthi iLX ibe naneBrake Override System. Okunye yi-Electronic Stability Control, Traction Control, Trailer Sway Control, Hill Start Assist neHill Descent Control.

ISingle Cab, okunezinhl­obo ezingu-16, imlungele kakhulu umuntu onebhizini­si futhi iyakwazi ukumelana nanoma iluphi uhlobo lomsebenzi futhi ayizweli.

Kukhona enenjini engu-2.5 litre enamandla angu-58 kW netorque engu-176 Nm bese kuba nenye nayo engu-2.5 litre kodwa enamandla angu-100 kW netorque engu-320 Nm.

I-extended cab yona ihlukene ngezinhlob­o ezine. Kukhona i-2.5 hi-Rider nama-3.0 LX amabili okwazi ukukhetha kuwo ukuthi ufuna eno-gearbox iyi six-speed manual noma i-automatic.

Kumele ngikugqami­se ukuthi lona ngu-gearbox omusha njengoba phambilini bekukhona oyi-fivespeed. Enye yi-2.0 litre 4x4 LX manual.

Kuma-double cab kwethulwe entsha i-2.5 litre HO base okuyiyo eyingane emndenini ohlanganis­a iHi-Rider, X-Rider oyithola nge-4x2 noma nge-4x4 kanjalo neLE.

Okuyiyona engumakhon­ya yi-Isuzu 3.0 LX eyi-4x2 noma i4X4. Injini yayo inamandla angu-130 kW netorque engu-380 Nm.

Yize noma kuyimoto ongayisebe­nzisela ibhizinisi kodwa iyimoto ewulungele nomndeni ngenxa yezinto ezengezwe kuyona futhi inesikhala esikhulu nangaphaka­thi okwenza uhlale ukhululeke. Inezibuko ezinkulu emaceleni, amagiya ayisithuph­a kanti kukhona neyi-automatic.

Inezihlalo zesikhumba kuphinde kube nendawo yokubeka ingalo ukuze ungazweli ukukhathal­a uma ushayela iganga elide. Iqhubeka ekhasini 4

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa