Isolezwe

Gwema ukushayela uma kunesichot­ho

-

ISIKHULU sakwaMaste­rDrive, u-Eugene Herbert, uthe isichotho sinikeza abashayeli izingqinam­ba emgwaqweni uma sesifikile.

Uthe iseluleko esihle angabanike­za ukuthi bangabi semgwaqwen­i uma sesikhona.

“Lokhu kodwa akuhlali kwenzeka, uma siqala usuvele ususemgwaq­weni. Kunezinto okumele uzenze ukuzivikel­a nokunciphi­sa umonakalo emotweni yakho kulezi zimo,” kusho uHerbert.

Uthe nanka amathiphu okumele uwasebenzi­se uma ushayela kunesichot­ho;

Bheka isimo sezulu, ulalele imisakazo futhi ulalele nezexwayis­o ezikhishwa yizinkampa­ni zomshwalen­se ngaphambi kokushayel­a.

Uma sesiseduze, gwema ukushayela kuso uma ungakwazi.

Uma usuvele ususemgwaq­weni, thola indawo ephephile ulinde size sidlule. Kungaba yigaraji noma indawo yokupaka engaphansi.

Isihlahla ngeke sikuvikele kahle futhi nezintambo zikagesi zingenza umonakalo omkhulu uma kuwa.

Ungalinge uphume emotweni. Uma isichotho sisikhulu singakulim­aza noma ushone.

Uma ukuthelawa­yeka, zama ukuphuma kungaze konakale.

Kukuwena ukuthi usebenzise ama-hazard. Ama-hazard akhombisa ukuthi kukhona imoto emile. Uma uwasebenzi­sa uhamba, kungenza ukudideka.

Uma kodwa ungaboni kahle kumele uwashaye ama-hazard.

Ungami ngaphansi kwamabhulo­ho kuthelaway­eka.

Gwema ukuma ezindaweni eziphansi ezingaphaz­anyiswa wukunyuka kwamanzi.

Hamba kancane.

Yandisa isikhala phakathi kwakho nemoto oyilandela­yo usiphinde kathathu kunokujway­elekile.

Khanyisa amalambu akho, ama-daytime running lights awenele.

Uma i-windscreen yakho ilinyazwa yisichotho, ungashayel­i injalo ngaphandle uma kunesiding­o, kunalokho fonela usizo.

Hlola yonke imoto yakho umonakalo ongenza kube nokungozi ukushayela ngaphambi kokuqala.

 ??  ??
 ??  ?? UNGALINGE uphume emotweni uma liwisa isichotho. Uma isichotho sisikhulu singakulim­aza noma ushone
UNGALINGE uphume emotweni uma liwisa isichotho. Uma isichotho sisikhulu singakulim­aza noma ushone
 ??  ?? UMA lihloma kanje likhombisa ukuthi lizoduma, kuhle ukuba ulinde lize lidlule ngaphambi kokuthi ungene emgwaqweni
UMA lihloma kanje likhombisa ukuthi lizoduma, kuhle ukuba ulinde lize lidlule ngaphambi kokuthi ungene emgwaqweni
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa