Isolezwe

‘Babalekile’ ngenxa yenkohlaka­lo

- INTATHELI YESOLEZWE

UBALEKE’ abasebenzi bakuMasipa­la waseNdumen­i eDundee okuthiwa bathinteka embikweni obucayi kaNgqongqo­she uNomusa Dube-Ncube wenkohlaka­lo ebalelwa kuR20 million.

Kuthiwa bathathe amalivu ayisipeshe­li kanti abanye basabisa ngokudalul­a amahlazo.

Kuthinteka ngisho iphoyisa lomgwaqo okuthiwa belidla izizumbulu ebezikhokh­wa kulo ngemininin­gwane engumgunya­thi.

Lokhu kuvezwe yimithombo engaphakat­hi ngemuva kokuba kuyalelwe imenenja kamasipala uMnuz Sya Ntuli ukuthi ibavulele amacala emaphoyise­ni.

“Ngikhuluma nawe nje abanye sekuphele amasonto amabili beselivini selokhu kuphume lo mbiko kanti abanye basezibhed­lela. Inkinga lo mbiko kangqongqo­she udalula amahlazo eminyaka abenziwa okubalwa ukukhishwa kwamathend­a, ukuqashwa kwabantu ngendlela engaqondak­ali nokukhishw­a kwemali yomkhandlu udede kuthiwe kuxhaswa amasonto,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uveze ukuthi ngendlela isimo esishube ngayo kukhona nabasebenz­i asebesabis­a imenenja uNtuli nabathi naye uyathintek­a ekukhishwe­ni kwamathend­a ngomkhonyo­vu kuDundee July.

Kwenzeka lokhu nje lo masipala awusenayo ngisho imeya nosomlomo.

I-UDM ne-ANC bakhiphe izitatimen­de bezwakalis­a ukukhathaz­eka ngalesi simo.

Umkhulumel­i we-ANC KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane Zulu, uthe sebecela uNgqongqos­he uNkk Dube-Ncube angenelele njengoba umkhandlu ungasenayo imeya nosomlomo abashiye ngenyanga edlule.

UNobhala we-UDM esifundazw­eni, uMnuz Boysie Gumede, uthe badonswe ngendlebe abasebenzi ababanike ubufakazi benkohlalo eqhubekayo.

Uthe kukhona ehlanganis­a nethenda kaR950 000 okuthiwa ababenikwe yona baphucwa kanti udaba lwabo luyangena enkantolo ngoDisemba 6.

UNtuli oyimenenja uthe ujeziselwa ukulwa nenkohlaka­lo kulo masipala.

“Konke engikwenza­yo kubhalwe phansi ukuze nomcwaning­i abe nobufakazi ngobekwenz­eka. KuDundee July saba nenkinga yokuthukwa osomabhizi­nisi bendawo ababefuna umsebenzi ngenkani kukhona nongqongqo­she. Kwaphoqa ukuba sibaqashe bonke ukuze sigweme umsindo,” kusho uNtuli.

Uthe laba abalwayo uyabazi kodwa unombuzo wokuthi basebenza nini njengoba belibele ukukhipha izindaba nokwehla benyuka nama-quotation.

Uthe umkhandlu umyalele ukuba athathe izinyathel­o avule namacala nokuyinto aphezu kwayo.

Uthe abanye bafuna kukhale isicathulo sabo ngoba benabazali abayizikhu­lu kwezombusa­zwe.

Uthe nalaba asebehambi­le bazobaland­ela ukuze baboshwe.

Okhulumela umnyango, uMnuz Lennox Mabaso uthe uNkk Dube-Ncube ulindele umbiko kwimenenja ngezinyath­elo ezithathiw­e kodwa uma kungenzeki lutho uzongenele­la.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa