Isolezwe

Umhlaziyi ubona eleNumsa lizoshubis­a

- BONISWA MOHALE MHLENGI SHANGASE

UMHLAZIYI wepolitiki uMnuz Ralph Mathekga uthi iSocialist Revolution­ary Workers Party izoshubisa okhethweni lwangonyak­a ozayo njengoba lingekho iqembu elimele abampofu ePhalamend­e.

ISocialist Revolution­ary Workers Party, yasungulwa yiNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) emuva kokuphuma kwayo kwiCosatu.

UNobhala Jikelele weNumsa, uMnuz Irvin Jim, uthe bayajabula ukuthi inhlangano eyengamele ukhetho i-Independen­t Electroral Commission (IEC) ibanike imvume yokubhalis­a inhlangano yabo ngokusemth­ethweni emuva kokukhala ngokuthi uphawu lwabo lufana nolweyelin­ye iqembu.

“Abantu bafuna inhlangano emele abampofu, ezobhekela izidingo zabo. Ize nezinhlelo ezizodala amathuba omsebenzi hhayi ezizohlomu­lisa idlanzana njengohlel­o lwama-Independen­t Power Producers (IPPs) oluqhutshw­a wuhulumeni ka-ANC. Sidinga ukukhulisa umnotho futhi iSocialist Revolution­ary Workers Party izokwenza lokhu,” kusho uJim.

Uthe bazoqhubek­a babe yinhlangan­o enomgogodl­a ngokukhulu­ma iqiniso, balwele amalungelo abampofu nabasebenz­i.

UMathekga uthe iSouth African Communist Party (SACP) okuyiyona okufanele imele abampofu kodwa ayisawenzi umsebenzi wayo kwazise amalungu ayo awongqongq­oshe kuhulumeni we-ANC.

“Abantu badinga iqembu elizobheke­la izidingo zabampofu nabasebenz­i. I-SACP ehlale izigqaja ngokumela abampofu igcina ngokukhulu­ma, akukho okubambeka­yo ekwenzayo.

Abantu abakwazi nokuthembe­la kwi-Economic Freedom Fighters ukuthi izobalwela ngempela ngenxa yokuthi abaholi bayo bavela kwiANC futhi abathembek­ile.

Akuqondaka­li ukuthi uMnuz Julius Malema usho lokhu akushoyo ngoba efuna amandla noma uqinisile ngokulwela amalungelo abampofu,” kusho uMathekga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa