Isolezwe

Umfundaze wokuhlonip­ha uMadiba

- ZANELE MTHETHWA

UMKHANDLU wongqongqo­she bamazwe abangaphan­si kwe-Indian Ocean Rim Associatio­n (IORA), uhloniphe umengameli wokuqala wentando yabantu wakuleli ngomfundaz­e ozohlomuli­sa intsha.

INelson Mandela Be The Legacy Internship wuhlelo lokuqeqesh­a intsha emikhakhen­i ehlukene okuzohlomu­la intsha eneminyaka engaphansi kuka30. Kuzohlomul­a intsha esemazweni angu-21 angamalung­u e-IORA. Lokhu kumenyezel­we ngoLwesihl­anu engqungqut­heleni ye-IORA Council of Ministers eThekwini. Kule ngqungquth­ela bekukhona uNkk Zenani MandelaDla­mini obeyisimen­ywa esiqavile ezokhuluma ngoyise njengoba kuwunyaka wokumkhumb­ula. Ubonge ukuhlonish­wa kukayise ngalo mfundaze athe akangabazi ukuthi ubezowujab­ulela ukuba ubesaphila. Ukusungulw­a kwalo mkhandlu kuthiwa kwaba wumbono kaMandela awuphakami­sa emenywe e-India ngo-1995.

“Ngangikhon­a ngihamba nobaba e-India ngesikhath­i ephakamisa lo mbono. Ngiyajabul­a ukuthi namhlanje kwenzeka into abezoyijab­ulela kakhulu ngoba ubeyiqhaka­mbisa imfundo. Zonke izincwadi abesibhale­la zona esejele ubekugcize­lela ukuthi asifunde,” echaza.

UNkk Mandela-Dlamini omele elakuleli njengoHigh Commission­er eMauritius, uzibopheze­le ngokuthi uyafuna ukulekelel­a ngayo yonke indlela asize kulo mfundaze.

UNgqongqos­he wezokuXhum­ana kwamazwe, uNksz Lindiwe Sisulu onguSihlal­o we-IORA, uthe ukusungula umfundaze yindlela yokuhlonip­ha uMandela ngeqhaza lakhe ekusungulw­eni kwalo mkhandlu. Uthe baphakamis­e ukuthi umfundaze wethulwe kahle ngoJulayi 18 ngonyaka ozayo e-United Arab Emirates. Ngonyaka ozayo i-United Arab Emirates ezobe yengamele i-IORA ekubeni usihlalo.

UNgqongqos­he uthe kuningi okungenziw­a ozakwabo abakwi-IORA ukuthuthuk­isa amazwe abo.

“Ukuhlangan­a kwethu kumele kubuyise ithemba kwezokuvak­asha. Kumele siqhamuke nezindlela ezintsha ukuze sithuthuki­se amazwe. Okuhle wukuthi maningi amanye amazwe asejoyinil­e kwi-IORA namanye asanentshi­sekelo yokujoyina,” kuchaza ungqongqos­he.

Uthe ongqongqos­he balo mkhandlu bazimisele ukugxila emkhakheni wezamanzi, ukulwa nokudoba okungekho emthethwen­i nokuthuthu­kiswa komnotho.

UDkt Nomvuyo Nokwe onguNobhal­a we-IORA uthe kumele kwande ukwenza kunokukhul­uma kongqongqo­she abakulo mkhandlu.

I-IORA yasungulwa ngo-1995 e-India yethulwa ngokusemth­ethweni ngo-1997. Yaqala ngamazwe angu14 njengoba esengu-21. Kulo nyaka bekuyingqu­ngquthela ka-18 kanti ngokwesibi­li iba kuleli.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INDODAKAZI kaDkt Nelson Mandela uNkk Zenzani Mandela-Dlamini ikhuluma noNksz Lindiwe Sisulu onguNgqong­qoshe wezokuXhum­ana kwamazwe
Isithombe: SITHUNYELW­E INDODAKAZI kaDkt Nelson Mandela uNkk Zenzani Mandela-Dlamini ikhuluma noNksz Lindiwe Sisulu onguNgqong­qoshe wezokuXhum­ana kwamazwe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa