Isolezwe

Ngidlale inhliziyo ibuhlungu: Nene

- LUNGILE MAJOKA

UDLALE inhliziyo iqaqamba umdlali weRoyal Eagles, uMphakamis­eni Nene, ngemuva kokudlula emhlabeni komqeqeshi weqembu uRoger Sikhakhane.

Abadlali bezwe izindaba ngesikhath­i belungisel­ela ukuyobheka­na neMaccabi FC emdlalweni weNational First Division (NFD) ngoMgqibel­o eChatswort­h Stadium, eThekwini.

I-Eagles ebiwupheth­e umdlalo kodwa yahlulwa wukusebenz­isa amathuba igcine iguqe ngo 2-1. ULebogang “Cheeseboy” Mokoena ubeke phambili iMaccabi ngaphambi kokuthi uDiego Brown ashaye ingcwenga ye-free kick yokulingan­isa. Nokho uThemba Mavundla uphule izinhliziy­o zabadlali be-Eagles eshaya igoli lokuwina.

“Kube yizindaba ezibuhlung­u kakhulu esizizwe sisadla isidlo sasekuseni. Kube buhlungu kakhulu kimina ngoba ngisebenzi­le naye kakhulu kwiThanda (Royal Zulu) sinqoba isicoco. Namanje ngisaphath­eke kabi, ngidlalile nje ngoba bekumele kodwa inhliziyo yami isebuhlung­u,” kusho uNene ngemuva komdlalo.

I-Eagles ayihleli kahle kwilog yeNFD. Isaqoqe amaphuzu awu-12 emidlalwen­i eyishumi. USikhakhan­e wagcina ukubonakal­a ebhentshin­i ngoSepthem­ba bedlala ngokulinga­na neTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila, wase ebanjwa wukugula.

Ngemuva kwalokho izintambo zibanjwe nguKagisho Dikgacoi noSazi Ngubane. Nokho uDikgacoi ugcine ngokumiswa esolwa ngokungazi­phathi kahle.

Kube sekubamba uNgubane obesizwa yimenenja uJames Dlamini ebhentshin­i. USikhakhan­e ushone nje bese kuvele izindaba zokuthi i-Eagles isiqashe uZlatko Krmpotic waseSerbia ngesikhath­i yena esalulama. Ukrmpotic ubekhona emdlalweni wangempela­sonto kodwa engahleli ebhentshin­i ngoba kuthiwe usalinde amaphepha okusebenza kuleli.

UNene uthe kuzomele bazame ukulwela ukufeza isifiso sikaSikhak­hane.

“Isifiso somqeqeshi bekuwukhup­hula iqembu. Nathi kusho ukuthi kumele sibhukule ukuze siphumelel­ise isifiso sakhe sokukhushu­lwa noma sidlale kweyokuhlu­nga. Ubehlezi ekusho njalo ukuthi ufuna ukubona iqembu lidlala kwiPSL (Premiershi­p).”

Uthe uzomkhumbu­la uSikhakhan­e ngokuthi ubehlezi ebakhuthaz­a ngokuthi badlale ibhola ngokukhulu­leka nangokuzet­hemba.

Imiphumela yeNFD: Ajax Cape Town 2-2 Real Kings; Pretoria University 0-3 Stellenbos­ch; TS Sporting 2-0 Cape Umoya; Tshakhuma 1-0 Witbank Spurs; Uthongathi 1-1 Mbombela United; Royal Eagles 1-2 Maccabi; Jomo Cosmos 1-1 Ubuntu Cape Town; Richards Bay 0-0 TS Galaxy.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMPHAKAMIS­ENI Nene weRoyal Eagles uthi kumphathe kabi ukuzwa ngokudlula emhlabeni kobengumqe­qeshi weqembu uRoger Sikhakhane
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMPHAKAMIS­ENI Nene weRoyal Eagles uthi kumphathe kabi ukuzwa ngokudlula emhlabeni kobengumqe­qeshi weqembu uRoger Sikhakhane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa