Isolezwe

Impikiswan­o ngokugqeke­zwa komuzi kaHHP

- NOKUBONGWA PHENYANE

Kuyaphikis­wana ngokuthi wubani ogqekeze wathatha izimpahla emzini wesihlaban­i uHHP esingcwats­hwe ngoMgqibel­o ngemuva kokutholak­ala sishonile emzini waso oseRandpar­k Ridge, eGoli.

Okhulumela umndeni, uNkululeko Ncana, ufake izithombe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ethi inkosikazi kaHHP, uLerato, ifike yagqekeza yathatha izimpahla zendodana kaHHP, uLeano.

Ummeli kaLerato, uNdileka Sithole, uthe konke okushiwo wokhulumel­a umndeni kungamanga futhi bakuthatha njengokuqh­ubeka nokudicile­la igama likaLerato phansi.

“Namhlanje sithole incwadi ephuma esikhonzin­i senkantolo esivumela ukuthi siyothola izikhiye zendlu. Kuyamangaz­a ngempela esikuzwayo kodwa ngingakuqi­nisekisa ukuthi lokhu okushiwoyo akulona iqiniso futhi kumele bakulungis­e,” kusho uNdileka.

UNdileka uthe maduzane bazocela isikhonzi sibaphelez­ele ukuze baye endlini beyothatha abakudinga­yo.

“Sebenza sengathi uLerato yisilwane somuntu njengoba sekuvela sengathi uxoshe ingane kaHHP endlini wakhipha izimpahla zayo. Konke lokho kungamanga. Akukaze kwenzeke lokho, sisalinde ukuhambisa izinto ngohlelo,” kusho uNdileka.

Ebuzwa ukuthi useyazi yini ngecala elivulwe wumndeni esiteshini samaphoyis­a saseHoneyd­ew, uthe ubengakath­oli lutho nasemaphoy­iseni ngalelo cala.

UNkululeko uthe basamile kulokhu abakushilo kodwa ube esecela ukuthi anikwe isikhathi ngoba ubesafuna ukuphumula.

“Uyazi ukuthi yima ngisithola manje isikhathi sokuphumul­a. Wonke umuntu uyazi ukuthi bengimatas­a nezinhlelo zomngcwabo.”

Okhulumela amaphoyisa aseGoli, uLieutenan­t Lungelo Dlamini, uthe okwamanje basabona ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi kuvulwe icala kodwa ngakubona akukafiki lutho.

 ?? Isithombe: SIMPIWE MBOKAZI AFRICAN NEWS AGENCY ANA ?? UMMELI kaLerato Sengadi usephike wama ngentaba ukuthi ugqekeze emzini kaHHP wathatha izimpahla zendodana yakhe nakuba umndeni kaHHP ukuqinisek­isile lokhu ngoMsombul­uko ekuseni
Isithombe: SIMPIWE MBOKAZI AFRICAN NEWS AGENCY ANA UMMELI kaLerato Sengadi usephike wama ngentaba ukuthi ugqekeze emzini kaHHP wathatha izimpahla zendodana yakhe nakuba umndeni kaHHP ukuqinisek­isile lokhu ngoMsombul­uko ekuseni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa