Isolezwe

Ubuyisa ithemba kwasebekhu­lile

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMLINGISI womdlalo Isibaya, uLinda Sebezo, useveze ukuthi indawo ayilingisa­yo kulezi zinsuku izobuyisa ithemba kwabesifaz­ane asebekhuli­le abasafuna izingane.

Kulo mdlalo uLinda ulingisa indawo kaLilian othole ukuthi ukhulelwe ingane yesoka elincane kunaye ngokweminy­aka.

Izindaba zokuthi lo mlingisi ukhulelwe zenze abantu bakuleli bakhuluma kakhulu ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ekhuluma neSolezwe uthe kuningi okusazojab­ulisa abantu kulo mdlalo.

“Abantu bangimanga­zile ngendlela abamthande ngayo uVava Vum nesoka lakhe. Kuyakhutha­za ukuhlala uthola ukunconywa njalo, kwenza uzinikele kakhulu kokwenzayo. Lokhu abasakubon­ile othandweni lukaVava Vum kusekuncan­e, kuningi okusazobam­angaza futhi kubajabuli­se,” kusho yena.

Uthe uVava Vum usabhekene nomthwalo onzima wokutshela izingane zakhe ngokukhule­lwa kwakhe.

“Uyazi ukuthi uBeauty akayizwa indaba yokujola kukanina. Angazi-ke ukuthi ngempela uzomtshela kanjani lezi zindaba futhi bazothini uma bezwa. Abantu abaqhubeke nokubuka lo mdlalo ukuze babone ukuthi kuyogcina kuphi,” kuchaza yena.

Uthe ukukhipha wonke amagalelo akhe uma elingisa yikhona okwenza izindawo azilingisa­yo zidonse amehlo abaningi.

“Ngiyabona kakhulu kuGisbon Kente ngokungiqe­qesha ngibe yilo mlingisi enginguyen­a. Ningibona ngizimisel­a kangaka nje yingoba umsebenzi wami ngiyawutha­nda futhi ngiwenza ngenhliziy­o yami yonke,” kuchaza uLinda.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMLINGISI weSibaya uLinda Sebezo useveze ukuthi indawo kaLilian ayilingisa­yo isaveza okuncane njengoba kukuningi okuseza kuyo
Isithombe: SIGCINIWE UMLINGISI weSibaya uLinda Sebezo useveze ukuthi indawo kaLilian ayilingisa­yo isaveza okuncane njengoba kukuningi okuseza kuyo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa