Ubuyisa ithemba kwasebekhulile
UMLINGISI womdlalo Isibaya, uLinda Sebezo, useveze ukuthi indawo ayilingisayo kulezi zinsuku izobuyisa ithemba kwabesifazane asebekhulile abasafuna izingane.
Kulo mdlalo uLinda ulingisa indawo kaLilian othole ukuthi ukhulelwe ingane yesoka elincane kunaye ngokweminyaka.
Izindaba zokuthi lo mlingisi ukhulelwe zenze abantu bakuleli bakhuluma kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.
Ekhuluma neSolezwe uthe kuningi okusazojabulisa abantu kulo mdlalo.
“Abantu bangimangazile ngendlela abamthande ngayo uVava Vum nesoka lakhe. Kuyakhuthaza ukuhlala uthola ukunconywa njalo, kwenza uzinikele kakhulu kokwenzayo. Lokhu abasakubonile othandweni lukaVava Vum kusekuncane, kuningi okusazobamangaza futhi kubajabulise,” kusho yena.
Uthe uVava Vum usabhekene nomthwalo onzima wokutshela izingane zakhe ngokukhulelwa kwakhe.
“Uyazi ukuthi uBeauty akayizwa indaba yokujola kukanina. Angazi-ke ukuthi ngempela uzomtshela kanjani lezi zindaba futhi bazothini uma bezwa. Abantu abaqhubeke nokubuka lo mdlalo ukuze babone ukuthi kuyogcina kuphi,” kuchaza yena.
Uthe ukukhipha wonke amagalelo akhe uma elingisa yikhona okwenza izindawo azilingisayo zidonse amehlo abaningi.
“Ngiyabona kakhulu kuGisbon Kente ngokungiqeqesha ngibe yilo mlingisi enginguyena. Ningibona ngizimisela kangaka nje yingoba umsebenzi wami ngiyawuthanda futhi ngiwenza ngenhliziyo yami yonke,” kuchaza uLinda.