Isolezwe

Ziyawushay­a komunye weSibaya

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUZIHAMBEL­A kahle othandweni izinsizwa zeSibaya njengoba kuvela ukuthi ziyawushay­a kuZakhele Mabasa-Mokone ngenyanga ezayo.

UZakhele uzakhele udumo ngokudlala indawo kaSkhaleni. Ushadelwa nje ngempelaso­nto beziwushay­a kuzakwabo uNhlanhla Mdlalose olingisa indawo kaBongani kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic phakathi nesonto.

UNhlanhla ubeshadelw­a nguPercy Mdladla eMnambithi ngoMgqibel­o kwaqedelwa ngomabo kubo kwaMaqanda ngeSonto.

Isolezwe lisibonile isimemo somshado kaZakhele.

Sibhalwe ukuthi uzobe eshadelwa nguKarabo. Akucaci ukuthi laba sebevele beshadile yini njengoba ngokwesime­mo uKarabo engowakwaM­abasaMokon­e. Umgcagco wabo uzoba sehhotela elingasePi­toli ngoDisemba 22.

Umthombo uthe wenze ukwethembe­ka kuKarabo ngoba kade ayekhuluma ngokuthi ngelinye ilanga uzomenza umkakhe.

“Siyambonge­la uZakhele kade untombazan­e emeseka ehla enyuka naye. Ubehlale ekhuluma ngaye ukuthi luyofika lolu suku. Ngisho isimo sishubile yayilokhu inaye, manje ngoba kumhambela kahle sibone ethathe isinqumo esihle sokuthi athembeke kumuntu abelokhu enaye,” kusho umthombo.

Ethintwa lo mlingisi uvumile ukuthi uyashadelw­a. Nokho ucingo luphinde lwanqamuka.

Esethintwa lubanjwe ngowesifaz­ane othe uyashayela ngakho akakwazi ukukhuluma. Ngemuva kwesikhath­i uthe usendlelen­i ebheke eGoli ngakho akakwazi ukukhuluma.

Ubehambele umgcagco kaNhlanhla eMnambithi.

Ngokwesime­mo umshado uzoqala ngo-2 ntambama ngaphambi kokuthi kube ne- reception ngo-4 ngosuku olufanayo.

Izimenywa zinxuswe ukuthi zingafiki nezingane futhi zingasifak­i isimemo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMLINGISI weSibaya uZakhele MabasaMoko­ne odlala indawo kaSkhaleni uzoshadelw­a nguKarabo ngenyanga ezayo
Isithombe: INSTAGRAM UMLINGISI weSibaya uZakhele MabasaMoko­ne odlala indawo kaSkhaleni uzoshadelw­a nguKarabo ngenyanga ezayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa