Isolezwe

Usenkingen­i owesifazan­e othuke inkosi

- ZANELE MTHETHWA

USOBISHINI owesifazan­e waseVuma, eShowe omangalelw­e yinkosi ewumfeloka­zi ethi uyithuke ngokuthi ilala nomyeni wakhe.

UNksz Nokuthula Mahaye umangalelw­e yinkosi ayisole ngokuba nesandla ekumhlukan­iseni nowesilisa abezoshada naye. UNksz Mahaye (36) onezingane ezimbili kuMnuz Siboniso Mhlongo, ugwetshwe yinkantolo yenkosi ukuthi ayihlawule ngezinkomo ezimbili nezimbuzi ezimbili. Ubesethand­ane noMhlongo kusukela ngo-2006. UNksz Mahaye ungumakhel­wane wenkosi eVuma lapho izalwa khona futhi basonta ndawonye ebandleni lamaNazare­tha.

“Ngezwa ngezinsolo ngambuza nomyeni wami ngoba bekungasek­uhle nasendlini. Ngabikela unina wenkosi ongumkhokh­eli wami. Okwenza kuthiwe ngayithuka inkosi yingoba ngathi uma eshona umyeni wami iyona eyomzilela ngoba ilala naye,” kusho uNksz Mahaye.

Induna, uMnuz Sipho Hlongwane, ivumile ukuthi icala lizoqhubek­a liqulwe kusasa emkhandlwi­ni. Uthe abangeni odabeni lwezinsolo zokujola ngoba noNksz Mahaye akanabufak­azi.

“Icala esiliqulay­o elokuthuka inkosi ngoba noNksz Mahaye walivuma. Ngamzwela eselivumil­e ngathi kungcono ahlawulisw­e inkomo naye wavuma. Ngimangali­le sekuqhamuk­a abomndeni wakhe bephikisan­a nenhlawulo ngoba wathi akanamnden­i,” kusho uHlongwane.

UMnuz Mbhekiseni Mahaye, umfowabo kammangale­lwa omdala, uthe bebengafun­i udaba lufike emkhandlwi­ni ngoba lubehlisa isithunzi njengoba bengamakho­lwa. Uvumile ukuthi uMhlongo walobola kwasala usuku lomshado. “Besingazi ukuthi abasezwani ngoba abakaze basibikele. Besilinde usuku lokumkhiph­a ngokusemth­ethweni udadewethu ayogana. Okwenza singenelel­e wukuthi ngesikhath­i equliswa sasingekho futhi uthe waphoqwa ukuthi axolise avume nenhlawulo. Asimvikeli uma onile udadewethu kodwa sifuna ukuzizwela amacala abhekene nawo,” kusho uMahaye.

Uthe bayaphinde­la ecaleni kusasa ukuze banikezwe ithuba lokuphawul­a.

UMhlongo uthe usenezinya­nga eziyisihla­nu ahlukana noNksz Mahaye. Uthe uzwile ukuthi unecala lokuthuka inkosi.

“Ukuxabana kwami naye akuhlangen­e nendaba yenkosi kodwa uyena oyifakayo. Besisondel­ene nenkosi ngoba ibingibiza ngomfowabo ngenxa yokuthi sakhula ndawonye,” kusho uMhlongo.

Imizamo yokuthola inkosi ayiphumele­langa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa