Isolezwe

Bavale amasango emahhovisi kamasipala abafuna kumiswe imenenja

- PHILI MJOLI

SEKUPHELE isonto kungasetsh­enzwa emahhovisi kaMasipala uMzumbe, osomabhizi­nisi bakule ndawo bevale amasango bethi akumiswe imenenja kamasipala abayisola ngokunikez­a umyeni wayo umsebenzi.

Osomabhizi­nisi baqale ngoLwesibi­li olwedlule ukuvala amasango bethi imenenja kamasipala, uNkk Nokuthula Mgijima, ayimiswe esikhundle­ni bese umasipala uphenya ngokunikez­wa kwenkampan­i yomyeni wayo, iMbumba, umsebenzi wokuba yi-consultant ezinhlelwe­ni ezinkulu kumasipala.

UMnuz Senzo Ngcobo, uSihlalo woMzumbe Business Chamber uthe: “Ngokuthola kwethu kunezinkam­pani ezisondele­ne nemenenja okuthi uma zithole umsebenzi kumasipala zithole imali eyengeziwe ngenxa yokuthi zisebenzis­a umthetho i-validation order zithi kunezinto ezengeziwe kulowo msebenzi ebeziqashe­lwe wona ebezingekh­o ukhangiswa. Ohlelweni lokwakhiwa kwesikhung­o iNtelezi Msani kwenziwa into efanayo mina ngayithola ithenda. Inkampani yomyeni wemenenja eyayiyi-consultant yathi angime ukusebenza ngoba umsebenzi ngawuthola kuwuDisemb­a lina ngize ngiqale ukusebenza phakathi noJanuwari. Ngakwenza lokho kodwa ngathola incwadi iphuma kuyo futhi inkampani ithi inkontilek­a yami izonqanyul­wa ngoba angisebenz­i ngendlela, okwalandel­a kwaba wukunqanyu­lwa kwenkontil­eka yami.” Bathi inkampani eyanikezwa umsebenzi wokwakha amahhovisi amasha kamasipala isikhokhel­we imali engaphezul­u kukaR20 million kodwa akukakabik­hona ngisho izindonga.

Imeya yomkhandlu, uMnuz Sizwe Ngcobo, ithe konke okuphakany­iswa osomabhizi­nisi kuyaphenyw­a kodwa ayikwazi ukumisa imenenja ingayiland­elanga imigudu efanele.

UMnuz Lennox Mabaso uthe uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana, uNkk Nomusa Dube-Ncube uthumele ithimba eliyoxazul­ula izinkinga kumasipala.

“Umkhandlu ulawulwa yimithetho, uma kunezinsol­o zokuthi akulandelw­anga imithetho yokukhishw­a kwamathend­a zikhona izindlela zokukhala, okhalayo angaze afinyelele enkantolo. Ukuphazami­sa ukusebenza kumasipala kungukweph­ula umthetho,” kusho uMabaso.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISIZA okuthiwa sizoba namahhovis­i kaMasipala uMzumbe. Osomabhizi­nisi bakule ndawo bavale amasango kamasipala bathi inkampani eyakhayo isikhokhel­we uR20 million ingakazimi­si nezindonga
Isithombe: SITHUNYELW­E ISIZA okuthiwa sizoba namahhovis­i kaMasipala uMzumbe. Osomabhizi­nisi bakule ndawo bavale amasango kamasipala bathi inkampani eyakhayo isikhokhel­we uR20 million ingakazimi­si nezindonga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa