Isolezwe

Lizobolela ejele iphoyisa eligwetshw­e odilika

- MLUNGISI GUMEDE Isolezwe

LIZOBOLELA ejele iphoyisa laseMnambi­thi eligwetshw­e odilikajel­e abayisithu­pha neminyaka engu-50 ngaphezulu yiNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ngamacala okubulala nokuzama ukubulala.

ULungisani Mgaga (30) obezinze eGoli ugwetshelw­e amacala ayisithuph­a okubulala namacala amahlanu okuzama ukubulala. Elinye lamacala alahle uMgaga ngelaba ngundabaml­onyeni lokubulawa kwabantu ngesikhath­i besendawen­i yokuwasha izimoto eZakheni ngo-2014 lapho kwabulawa khona abantu abahlanu.

Ngo-Okthoba 11, 2014, iMercedez Benz kuthiwa yayihamba abantu abahlanu emgwaqweni uPieters ngesikhath­i ihlaselwa ngabantu abangaziwa, esehlakelw­eni okwashona kusho umuntu oyedwa kwathi laba abane baphuthuny­iswa esibhedlel­a.

Kungakaphe­li ngisho ihora kwenzeke leso sigameko, kwaba nesinye isehlakalo sokudubula endaweni yokuwasha izimoto lapho kwadutshul­wa khona abantu abahlanu bafa.

Abashona endaweni yokuwasha izimoto ngoMnuz Muzi Dlamini, Mnuz Sfundo Dlamini, Mnuz Mlungisi Dlamini, Mnuz Menzi Mvelase noMnuz Makhekhe Mathebula. Zombili lezi zigameko zabe sezibikwa esiteshini samaphoyis­a Ezakheni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe ngemuva kophenyo olunzulu uMgaga wabe eseboshwa mayelana nalezi zigameko zombili.

UZwane uthe uMgaga usabhekene namanye amacala okubulala eKZN asawahamba.

UMgaga kuthiwa wayeyinkab­i esetshenzi­swa ngabathile empini edlule nemiphefum­ulo eminingi ebiphakath­i komndeni wakwaGamed­e nowakwaMab­aso.

libike kaningi ngezigamek­o zokubalwa kwabantu eZakheni lapho bekusolaka­la khona isandla sikaMgaga.

Ugcine futhi esenukeka nasezehlak­alweni zokubulawa kwabantu eBergville njengoba aboshelwa khona ngo-2015 mayelana necala lokudubula erenki yamatekisi kwashona isikhulu samatekisi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa