Kuzophenywa ngesiboshwa esidubulile
KUSOLWA ubudedengu bamaphoyisa abegade isiboshwa esidubule esitokisini, kwalimala ezinye eSiphingo eThekwini, ngoMgqibelo.
Uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa, i-Independent Investigative Directorate (Ipid), lufuna ukwazi ukuthi isiboshwa esigcine sidutshulwe amaphoyisa sashona, singene kanjani nesibhamu esitokisini.
Okhulumela i-Ipid, uMnuz Moses Dlamini, uthe baphenya ukuthi kungani isiboshwa singaseshwanga ngaphambi kokuyovalelwa esitokisini.
Ngokwesitatimende esithunyelwe yi-Ipid kuthiwa isiboshwa sikhiphe isibhamu sazama ukudubula amaphoyisa sifuna ukweqa, kwashona esinye isiboshwa. Kuthiwa isiboshwa ebesidubula sidutshulwe amaphoyisa salimala, sangeniswa esibhedlela.
“Kudutshulwe ezinye iziboshwa ezine ezingeniswe esibhedlela, kweqa ezimbili. Isiboshwa esidubulile sivulelwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala. Siphenya izinsolo zobudedengu emaphoyiseni abegade iziboshwa nomphathi siteshi njengoba isiboshwa singene nesibhamu,” kusho uDlamini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi udaba seludluliselwe kwi-Ipid. Uthe abanayo imininingwane egcwele ngesiboshwa esishonile kodwa bayazi ukuthi kukhona ezisesibhedlela, ezinye zeqile. Uthe nasohlangothini lwamaphoyisa kusaphenywa ukuthi ngesikabani esibhamu esisetshenzisiwe nokuthi isiboshwa singene kanjani naso esitokisini.
“Amaphoyisa abezophakela iziboshwa esitokisini engaziphethe izibhamu ngoba lokho akuvumelekile futhi akuphephile. Isiboshwa sikhiphe isibhamu sadubula sibhekise emaphoyiseni, sizama ukweqa. Ngenhlanhla ngaphandle bekukhona elinye iphoyisa ebeliphethe isibhamu, ladubula isiboshwa,” kusho uZwane.
UZwane ukuqinisekisile ukuthi alikho iphoyisa elilimele kulesi sigameko. Uthe kuvulwe necala lokuzama ukweqa.
UMnuz Aidan David, onguSihlalo weSipingo Community Police Forum ofike nasendaweni yesigameko, utshele iphephandaba iThe Mercury elinguzakwabo weSolezwe ukuthi isiboshwa esishonile esineminyaka engu-36 besiboshelwe ukweba amathayi emoto namarimu.