Basazophefumula kancane abasebenzisa uphethroli
UNGQONGQOSHE wezaMandla uMnuz Jeff Radebe uthe ngeke unyuke uphethroli kule nyanga kodwa kuzonyuka udizili ngo-47 cents ilitha nango-50 cents ilitha.
Upharafini uzonyuka ngo28 cents ilitha kuthi igesi inyuke ngo-61 cents ikhilo.
URadebe uthe ukunyuka kukadizili kwenziwa wukuthi kufakwa nezindleko zokuthenga u-oyela ongahluziwe nophethroli kwamanye amazwe nezindleko zokuwulanda ngemikhumbi.
Intengo entsha izoqala ukusebenza kusasa.
Uthe ukudlondlobala kweRandi uma liqhathaniswa neDollar lase-United States yikona okwenze ukuthi uphethroli unganyuki kule nyanga.
UMnuz Layton Beard we-Automobile Association (AA) uthe uphethroli kungenzeka ukuthi unyuke ngoDisemba ngoba namanje bebezitshela ukuthi uzokwehla kodwa wahlala kwintengo efanayo.
“Ukunyuka nokwehla kwentengo kaphethroli kuncike ezintweni ezisuke zenzeka ezimakethe zomhlaba njengokuthi ngabe kunozinzo yini, iDollar libiza malini uma liqhathaniswa neRandi nokuthi amazwe akhiqiza uphethroli awubizisa kanjani. Uma iRandi lidlondlobala kusho ukuthi uphethroli siwuthenga ngemali encane kodwa uma lintenga kusho ukuthi sikhokha kakhulu,” kusho uBeard.
Uthe uma amazwe akhiqiza u-oyela ongahluziwe ehlisa amalitha akhiqizwayo uphethroli uzonyuka ngoDisemba kodwa uma ekhiqiza kakhulu uzokwehla.
Ugqugquzele abantu ukuthi balindele noma yini bangazitsheli ukuthi njengoba unganyukanga kule nyanga nangoDisemba ngeke unyuke ngoba izimakethe zishintsha njalo.