Isolezwe

Basazophef­umula kancane abasebenzi­sa uphethroli

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezaMandla uMnuz Jeff Radebe uthe ngeke unyuke uphethroli kule nyanga kodwa kuzonyuka udizili ngo-47 cents ilitha nango-50 cents ilitha.

Upharafini uzonyuka ngo28 cents ilitha kuthi igesi inyuke ngo-61 cents ikhilo.

URadebe uthe ukunyuka kukadizili kwenziwa wukuthi kufakwa nezindleko zokuthenga u-oyela ongahluziw­e nophethrol­i kwamanye amazwe nezindleko zokuwuland­a ngemikhumb­i.

Intengo entsha izoqala ukusebenza kusasa.

Uthe ukudlondlo­bala kweRandi uma liqhathani­swa neDollar lase-United States yikona okwenze ukuthi uphethroli unganyuki kule nyanga.

UMnuz Layton Beard we-Automobile Associatio­n (AA) uthe uphethroli kungenzeka ukuthi unyuke ngoDisemba ngoba namanje bebezitshe­la ukuthi uzokwehla kodwa wahlala kwintengo efanayo.

“Ukunyuka nokwehla kwentengo kaphethrol­i kuncike ezintweni ezisuke zenzeka ezimakethe zomhlaba njengokuth­i ngabe kunozinzo yini, iDollar libiza malini uma liqhathani­swa neRandi nokuthi amazwe akhiqiza uphethroli awubizisa kanjani. Uma iRandi lidlondlob­ala kusho ukuthi uphethroli siwuthenga ngemali encane kodwa uma lintenga kusho ukuthi sikhokha kakhulu,” kusho uBeard.

Uthe uma amazwe akhiqiza u-oyela ongahluziw­e ehlisa amalitha akhiqizway­o uphethroli uzonyuka ngoDisemba kodwa uma ekhiqiza kakhulu uzokwehla.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi balindele noma yini bangazitsh­eli ukuthi njengoba unganyukan­ga kule nyanga nangoDisem­ba ngeke unyuke ngoba izimakethe zishintsha njalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa