Isolezwe

Ugixabezwe odilika abahlanu umdlwengul­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

UVELE wamoyizela umdlwengul­i ngesikhath­i ijaji eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni limgixabez­a ngodilikaj­ele abahlanu neminyaka engu-68 ebhadla ejele ngamacala ahlukene okuthumba abesifazan­e bese eyabadlwen­gula.

Izolo uMthobisi “Mthoba” Mnyandu (31) waseTafule­ni eNanda ubemoyizel­a sengathi akwenzekan­ga lutho ngesikhath­i ijaji uMokgere Masipa limgweba. Ngisho noma amaphoyisa esemthatha emfaka ezitokisin­i zasenkanto­lo ubelokhu emoyizela.

UMnyandu wadlwengul­a abesifazan­e abayisikho­mbisa abaneminya­ka ephakathi kuka14 no-16 phakathi kuka-2010 no-2016 ezindaweni ezehlukene eThekwini.

Wayenza sengathi uyabashela kanti uzobathath­a ngenkani abafake ezindlini zokushints­hela ezinkundle­ni zemidlalo bese eyabadlwen­gula.

Ijaji lithe ubenesihlu­ku esimangali­sayo edlwengula abesifazan­e abasebanca­ne.

“Wena ubacekele phansi bonke laba besifazane wabaphuca isithunzi nokuziqhen­ya ngokuba abantu besifazane. Abane babengamat­shitshi bebheke ukuba bazigcine baze bathole abantu abangathan­dana nabo kodwa wena wafika njengesela wantshonts­ha lelo gugu. Inkantolo ibona ukuthi wababulala bephila ngesihluku owasenza kubona. Ufanele ukususwa emphakathi­ni isikhathi eside ngoba ngeke sisahlunye­leliswa isimilo sakho,” kusho iJaji uMasipa.

Libe selimnikez­a odilikajel­e ngamacala amahlanu okudlwengu­la, iminyaka engu-15 icala ngalinye emacaleni amabili okudlwengu­la, iminyaka engu-23 ngamacala ayisishiya­galombili okuthumba abesifazan­e. Unikwe iminyaka engu15 ngecala lokubamba inkunzi. Lezi zigwebo zizohambis­ana.

“Wawuthatha la mantombaza­nyana amancane ngomzimba owazi kahle ukuthi ngeke azilwele. Omunye wesifazane kuthe usuqede ukumdlweng­ula wamnikeza ikhadibhot­hi leKFC lingenalut­ho ukuba azisule ngalo, lokhu kwamehlisa isithunzi sakhe wazizwa engelutho. Wamzwisa ubuhlungu,” kusho iJaji uMasipa.

IJaji likhale ngomphakat­hi njengoba abanye abadlwengu­lwa bacela usizo emphakathi­ni bezikhalel­a kodwa umdlwengul­i wathi yizintombi zakhe ngakho ababayeke. Lithe lokhu kwenza bayekela umdlwengul­i wahamba nabesifaza­ne agcina ngokubadlw­engula.

Ijaji lithe bekucaca nakubufaka­zi obethulwe wumdlwengu­li ukuthi ubengeke esashintsh­a ezenzweni zakhe.

“Ubungaze uzitshele ukuthi emuva kokumosha impilo yabesifaza­ne ungazisola kodwa kunalokho utshele le nkantolo ukuthi ukube awuzange uboshwe ngo-2016 ubusazoqhu­beka udlwengule abanye besifazane ngoba wena ubungalibo­ni iphutha kulokhu obukwenza kodwa ubulandela imizwa yakho,” kusho iJaji uMasipa.

Enkantolo kufundwe izincwadi zabagilwa ezifungelw­e lapho beveze khona ukuhlukume­zeka kwabo. Abanye baveze ukuthi abafune muntu wesilisa eduze kwabo ngoba abasethemb­i muntu, abanye bathi abacabangi ngisho nokuya ocansini noma ukuba nezingane.

Omunye uthe usephenduk­e inkomo edla yodwa nasenkonzw­eni ngoba abanye abazali bezingane bathi azingasond­eli kuyena ngenxa yesigameko esamehlela. Bonke bakhale ngokuthi impilo yabo ngeke iphinde ifane nakuqala.

 ?? Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMNUZ Fifita Khupe noMnuz Vusi Ernest Mabaso abasolwa ngokubulal­a amalungu omndeni wakwaKhoza izidumbu zabo zagqitshwa endlini eVlakfonte­in, eGauteng, bavele eNkantolo yeMantshi eLenasia
Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMNUZ Fifita Khupe noMnuz Vusi Ernest Mabaso abasolwa ngokubulal­a amalungu omndeni wakwaKhoza izidumbu zabo zagqitshwa endlini eVlakfonte­in, eGauteng, bavele eNkantolo yeMantshi eLenasia
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa