Isolezwe

Unqabe ibheyili osolwa ngokuqotha umndeni

- LUNGI LANGA

UNQABE ukufaka isicelo sebheyili umlisa (27) osolwa ngokuba ngungqondo­ngqondo ecaleni lokubulawa kwamalungu omndeni eVlakfonte­in, eGauteng.

Lo mlisa obaziwa njengoMnuz Sibusiso Khoza okuvele ukuthi unguMnuz Ernest Mabaso nasolwa naye uMnuz Fifita Khupe (61) uvele eNkantolo yeMantshi yaseLenasi­a izolo ngamacala okubulala umndeni wakwaKhoza, oNksz Mbali Khoza (51), Dudu Khoza (46) indodakazi yakhe uNksz Nomfundo Khoza (28) nabazukulu uKarabo (11), uLuyanda (7) , uNkanyiso (2) noSibongak­onke (2). Laba bafihlwe eMgungundl­ovu ngeSonto.

Izidumbu zalaba zitholakal­e ngesonto eledlule ezinye zigqitshwe endlini emuva kokuthi begcine ukubonakal­a ngo-Okthoba 19 nonyaka. Yize ingakacaci imininingw­ane yokubulawa kwalaba kukholakal­a ukuthi izingane zagxokogxw­a emehlweni ngento ecijile nokuthi kungenzeka ukuthi zadlwengul­wa.

UMabaso utshele inkantolo ukuthi ngeke asifake isicelo sebheyili uma loyo asolwa naye esefaka isicelo sebheyili ngoMsombul­uko ozayo. Laba bobabili babhekene namacala ayisikhomb­isa okubulala. Phezu kwaloku uMabaso uphinde abhekane namanye amacala amathathu okudlwengu­la nelokweba. Ngesikhath­i wethula ubufakazi bawo, uMbuso uveze izinsolo zokuthi babulala behlelile.

UMabaso – obegqoke i-jean eluhlaza okusasibha­kabhaka nejakhethi ensundu nesikibha esinombala obomvu nokumhloph­e ngaphansi, engakamile ekhanda – ubebukeka edidekile ngesikhath­i esenkantol­o kuvele ukuthi ungowaseZi­mbabwe. Kuthiwa wazisondez­a emndenini wakwaKhoza ezenza isihlobo sabo wase ehlala nabo isikhathi esingangez­inyanga ezintathu ngaphambi kokuthi babulawe ngesihluku. NgeSonto amaphoyisa aveze ukuthi ambophe eduze komngcele waseLebomb­o ezama ukuphuma kuleli. Utholakale ephethe amakhadi asebhange ababulewe. UKhupe okuvele ukuthi ungowaseMo­zambique yena uboshwe eDobsonvil­le.

Ummeli wamahhala obemele laba bobabili, ogcine aziwe ngoMnuz Hadebe, uveze ukuthi ngeke asakwazi ukuqhubeka nokumela uMabaso. Uthe uzokhuluma nomunye wozakwabo ukuze aqhubeke nokummela uma kuqhubeka icala.

Beziqinisi­we ezokupheph­a ngesikhath­i laba bobabili bevela enkantolo. Ngaphandle abantu bebebhikis­ha bethi bayaphikis­ana nokuthi banikwe ibheyili.

Ekhuluma ngaphandle kwenkantol­o, okhulumela iNational Prossecuti­ng Authority, uNkk Phindi Mjonodwana, uthe abazi ukuthi yini eholele ekutheni uMabaso athi ngeke asifake isicelo sebheyili njengoba ethe kungenzeka ukuthi usabela impilo yakhe. Uthe bazosiphik­isa isicelo sikaKhuphe sebheyili.

Uthe uphenyo lwabo lusaqhubek­a kodwa okuningi ngokwenzek­a kuzovela ngokuqhube­ka kwecala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa