Isolezwe

Isikhulu sakwaSAA sisola inkulumo kaMboweni

- BONISWA MOHALE

ISIKHULU esiphezulu seSouth African Airways (SAA), uMnuz Vuyani Jarana, sithi inkulumo kaNgqongqo­she weziMali, uMnuz Tito Mboweni, iholele ekutheni abantu bahoxise amathikith­i akade bewathengi­le ngoba bengazi ukuthi inkampani isazoqhube­ka nokusebenz­a noma cha.

UMboweni uthe njengoba iSAA ingayenzi imali kufanele uhulumeni ayidayise.

UJarana uthe kumanje umatasa nokuqinisa abantu idolo ukuthi iSAA iyaqhubeka nokusebenz­a ngoba uyasilungi­sa isimo senkampani.

“Sesilethe uzinzo eSAA ngoba nemizila yangaphaka­thi isiyayenza inzuzo. Imizila esasinikez­a inkinga ngeyamazwe angaphandl­e. Sesilungis­ile isimo eLondon. E-Afrika umzila osasinika inkinga owase-Uganda, i-Entebbe. Sinenkinga futhi ngeHong Kong ngoba sincintisa­na no-Emirates nezinye izinkampan­i,” kusho Jarana.

Uthe iSAA inesikwele­tu sikaR9.2 billion kodwa uyazama ukulungisa isimo.

Mayelana nokuthi uhulumeni kufanele adayise iSAA uJarana uthe leso yisinqumo sikahulume­ni bona benza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi yenza inzuzo.

UNgqongqos­he wamaBhizin­isi kahulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, ugqugquzel­e abasebenzi beSAA ukuthi balwe nenkohlaka­lo ukuze iSAA ingawi.

Uthe uke wakhuluma neDanish Airlines ebifuna ukusebenzi­sana neSAA ukuze ingenise kwamanye amazwe.

Ugcizelele ukuthi ngeke uhulumeni akwazi ukutakula iSAA minyaka yonke ngakho kufanele yenze inzuzo ngoba nabakhokhi bentela bakhathele yiyona.

“Kuyishwa ukuthi iSAA yayiphethe imakethe yase-Afrika eminyakeni edlule kodwa leso sicoco sesiphethw­e yinkampani yamabhanoy­i yaseEthiop­ia. Ngiyacela abaphathi benkampani nani basebenzi nishintshe isimo ngoba uma zingashint­shi izinto nizosala nezihlalo ezingenamu­ntu emabhanoyi­ni,” kusho uGordhan.

UDkt Azar Jammine, isazi somnotho kwa-Econometri­x ,uthe uhulumeni kufanele adayise ingxenye ethile yeSAA ukuze ayeke ukukhokha imali yokuyitaku­la inkampani egcine ukwenza inzuzo ngo-2011. “Angazi ukuthi kungani uhulumeni engadayisi ingxenye ethile yeSAA ngoba uma kunenkampa­ni ezimele isimo sizoshints­ha yenze inzuzo. Asikwazi ukuba nenkampani kazwelonke ewumthwalo kubakhokhi bentela.”

 ?? Isithombe:ELMOND JIYANE, GCIS ?? UNGQONGQOS­HE wamaBhizin­isi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan ugqugquzel­e abasebenzi baseSAA ukuthi balwe nenkohlaka­lo futhi beze namasu azoqinisek­isa ukuthi inkampani iyadlondlo­bala
Isithombe:ELMOND JIYANE, GCIS UNGQONGQOS­HE wamaBhizin­isi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan ugqugquzel­e abasebenzi baseSAA ukuthi balwe nenkohlaka­lo futhi beze namasu azoqinisek­isa ukuthi inkampani iyadlondlo­bala
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa