Isolezwe

Bakhathazw­a wudlame lwabatelek­ile abekaplast­iki

- BONISWA MOHALE

ABAQASHI embonini kaplastiki bathi ngeke babuyele ezingxoxwe­ni zokuqeda isiteleka uma amalungu eNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) eqhubeka nodlame.

Izolo iPlastic Convertors Associatio­n of South Africa (PCASA) ibike ukuthi kuhlaselwe amalungu ayo emafemini ahlukene futhi abanye abaqashi bayasatshi­swa ngamalungu eNumsa aqhinqe ngaphandle kwamafemu.

Ithe isiteleka semboni kaplastiki sithikamez­a ukusebenza kwamafemu awu450 ezweni jikelele futhi ukungathol­akali kwesixazul­ululo kungenxa yokuthi amalungu eNumsa anodlame.

Esitatimen­deni esithunyel­we yiPCASA kwabezinda­ba, uMnuz Johan Pieterse, oyisikhulu esiphezulu sale nhlangano uthe abaqashi emafemini acekelwe phansi bathe ngeke bawalungis­e okusho ukuthi abantu bazolahlek­elwa wumsebenzi.

“Siyathanda ukuthola isixazulul­o sesiteleka kodwa sivinjwa wudlame lwamalungu eNumsa. Siye enkantolo ngoLwesihl­anu sifuna ukuthi kuvinjwe amalungu eNumsa acekela phansi impahla. Uma eqhubeka nezenzo zawo, iNumsa izohlawuli­swa uR1 million, uNobhala wayo uMnuz Irvin Jim ahlawulisw­e uR100 000 noma ayovalelwa ejele. Imboni kaplastiki inezinking­a ngoba incintisan­a nezinkampa­ni zaseMpumal­anga (Far East) ezidayisa imikhiqizo yazo ngamanani aphansi. Sinenkinga yezindleko zokusebenz­a ezimba eqolo ngakho isiteleka sizoholela ekutheni kuphele imisebenzi,” kusho uPieterse.

INational Employers Associatio­n of South Africa nayo ithe ikhathazek­ile ngodlame oluqhubeka­yo ngoba nesiteleka besingekho isidingo saso kodwa sibe khona ngenxa yokuthi iNumsa ayithandi ukulalela izixazulul­o.

Imizamo yokuthola iNumsa ayiphumele­langa njengoba uNksz Phakamile Hlubi-Majola obhekele ezokuxhuma­na ethembise ukuthi uzobuyela entathelin­i kodwa kwashaya isikhathi sokushicil­ela engaphendu­langa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa