Isolezwe

I-DA ifuna kuxoshwe ongqongqos­he

- BONISWA MOHALE

UMHOLI weDA, uMnuz Mmusi Maimane, uthe basaqhubek­a nomkhankas­o wabo wokuthi kuxoshwe uNgqongqos­he woMnyango wezaseKhay­a uMnuz Malusi Gigaba nowoMnyang­o wabesiFaza­ne uNksz Bathabile Dlamini ngoba abathembek­ile.

UMaimane uthe emuva kokubhalel­a uMengameli Cyril Ramaphosa bemcela ukuthi axoshe labo ngqongqosh­e kodwa wangabaxos­ha banqume ukuya enkantolo ukuze kube wumthetho onquma ngekusasa labo.

“Siyakuqini­sekisa ukuthi udaba lwethu luzolalelw­a enkantolo iNorth Gauteng ngoMashi 11 wonyaka ozayo futhi sifuna umengameli nongqongqo­she esifuna baxoshwe bakhokhe izindleko zenkantolo. Asikwazi ukuba nongqongqo­she abaqamba amanga bebe befunge ukuthi bazokhulum­a iqiniso. Ngeke sivume ukuthi kusetshenz­iswe imali yabakhokhi bentela kuleli cala,” kusho uMaimane.

Uthe bafuna kuxoshwe uGigaba ngoba unike inkampani yakwa-Oppenheime­r iFireblade Aviation imvume yokusebenz­a e-OR Tambo Internatio­nal Airport.

Uthe uNksz Dlamini kufanele ahambe ngoba akabakhath­alele abantu njengoba anyusa amaphaphu abantu abahola izibonelel­o zikahulume­ni.

“Uyena owayedala inkinga yezibonele­lo zikahulume­ni futhi uyena owafaka uhulumeni ezindlekwe­ni ngoba engafuni ukunqamula inkontilek­a yeCash Paymaster Services neSouth African Social Security Agency. Asazi umengameli usamgcinel­eni kwiKhabhin­ethi ngoba akathembek­ile,” kusho uMaimane.

Uthe namhlanje bazoya enkantolo ukuyolwa udaba lokuthi owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma azikhokhel­e izindleko zasenkanto­lo.

“Silindele ukuthi izindleko zecala likaZuma zibe wuR50 million akufanele abakhokhi bentela bazithwale kufanele azikhokhel­e yena,” kusho uMaimane.

Umhlaziyi wepolitiki uMnuz Ralph Mathekga uthe kuzoyakha iDA ukulungisa okonakele kuyo njengoba ishiywe ngamakhans­ela ayisishiya­galombili kuMasipala waseCape Town.

“Yebo kuhle ukuthi iDA ifuna abaholi baziphathe kahle kodwa kuzoyisiza ukubheka izindaba zayo kuqala ngaphambi kokujaha ezabanye. Konakele eWestern Cape angiboni ukuthi iDA izothola ngaphezu kuka 50% kodwa uMaimane ujaha ukuphawula ngongqongq­oshe okufanele baxoshwe,” kusho uMathekga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa