Isolezwe

Sibaluleki­le isiphakami­so sikaRamaph­osa

-

IMFUNDO yilungelo elilotshwe kuMthethos­isekelo wezwe, okusho ukuthi zonke izingane zinelungel­o lokuya esikoleni. Ukubalulek­a kwemfundo kwagcizele­lwa nowayengum­engameli uMnuz Nelson Mandela owathi imfundo yisikhali sokukhipha umuntu ebubheni.

Ukwenziwa kwemfundo ibe mahhala eNingizimu Afrika kwakuhamba khona emgomeni woMthethos­isekelo wokuthi kungabi khona sizathu esizophoqa ingane ukuba ingayi esikoleni.

Kuyakhatha­za nokho ukuthi kukhona izingane ezingayi esikoleni yize imfundo imahhala futhi nabazali bazo kabenzi lutho ngalokho.

Ezinye zalezi zingane zigcina sezingene ebugebengw­ini ziboshwe, kumosheke ikusasa lazo.

Yingakho sibaluleki­le isiphakami­so sikaMengam­eli Cyril Ramaphosa othi ucabanga ukuphakami­sa umthetho wokuthi kuboshwe abazali abanqabela izingane zabo ukuthi ziye esikoleni kanjalo nalabo abayekelel­a izingane uma zingayi esikoleni.

Siyaseseka lesi siphakamis­o, siyafisa ukubona umthetho ojezisa abazali ababudeden­gu nabangalik­hathaleli ikusasa lezingane zabo.

Uhulumeni wentando yabantu wenza umsebenzi omkhulu wokuthi imfundo ibe mahhala eNingizimu Afrika nokwenza ingcabha ibe kubazali ngokufunda kwengane.

Akekho umzali ozokhala ngokuthi akanayo imali yokufundis­a ingane ngoba zikhona izikole okufundwa kuzona mahhala.

Lukhona nohlelo lokudla ezikoleni kulabo bafundi abaswele.

Asikho ngempela isizathu esingenza ukuthi umzali ahlale nengane ekhaya njengoba kunalezi zinhlelo zikahulume­ni.

Siyazibuza ukuthi umzali osuke ebona noma ezwa ukuthi ingane yakhe kayiyi esikoleni uthula kanjani nalesi simo?

Abazali kumele bazibandak­anye ekukhulise­ni nasekufund­eni kwezingane zabo, akungabi khona mzali ozohlala nengane engayi esikoleni.

Kungenjalo awuphasisw­e impela umthetho wokubahlaw­ulisa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa