Isolezwe

Asingaliba­li ukukhipha ubukoloni obusemakha­nda

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

BENGETHAME­LE ingqungqut­hela yezingcith­abuchopho eNyuvesi. Bekukhulun­ywa ngobuNkiph­abukoloni/ ubukolonin­ya, phecelezi i-decoloniza­tion. Ngicabanga ukuthi siqonde ukukhipha ubukoloni obusemakha­nda kithina. Ubukoloni bacatshang­wa, bahlelwa, batshikits­helwa emakhanda ethu. Angazi-ke ukuthi ubukolonin­ya buhlelwe kangakanan­i. Kungenzeka ukuthi sinefundul­ulo lentukuthe­lo yokulwa “nobulima” esangena kubo. Siqaphele singabi yizilima kakhulu sesizama ukukhipha ubukoloni esesiphile nabo iminyaka. Ngifisa sibuyele ekhaya, sikhohlwe okusingeni­le.

Masenze njengezibo­shwa. Ukuboshwa kusha esiZulwini. Umuntu olahlwe yicala ubengasusw­a emphakathi­ni, ayogqunywa ejele. Ukukhishwa kweziboshw­a kwehlukene kaningi. Kukhona ezikhishwa sekuphele isigwebo. Kukhona ezikhishwa ngoshwele. Kukhona ezeqayo. Isiboshwa esathola ushwele siphila ngemitheth­o nemibandel­a kashwele. Eseqa ejele siphila ngokujeqez­a. Esaphuma ngemvume sikhululek­ile. Iningi leziboshwa ezavuthwa ejele zinomseben­zi ezibonga ngawo emphakathi­ni.

Iziboshwa ezibuyisel­a umbongo emphakathi­ni yilezo eziphuma ziqonde ekhaya. Ngifisa nathi senze kanjalo, siphindele ekhaya. Singalibal­i ukukhiphan­a nobukoloni. Uma kungathiwa angibale yonke impoqabulu­ngu eyangena kobabamkhu­lu, sayincela emabeleni awomame, kungaphela isikhala sokubhala. Ezinye zalezi ziboshwa esezakhulu­leka, ziyakha, ziyadweba, ziyabhala, ziyashumay­ela. Kuningi kakhulu okwenziwa isiboshwa “esabona” ukuthi siboshelwe ini.

Masibuyele ekhaya sesinolwaz­i oluthe xaxa. Masingasol­ani ngolwazi esiluthole esiLungwin­i. Ubukoloni mabusihlan­ganise. Abantu abacindeze­lwe bayahlanga­na. Bahlangani­swa wukuthi umcindezel­i wabo wayezama ukubehluka­nisa. Ngiyayitha­nda indaba kaDaniyeli nabangane bakhe eBhayibhel­ini. Babethunje­lwe eBhabhilon­i. UNebukhadi­nesari, ingonyama ehlakaniph­ile, waqoqa abafana abazalwa ebukhosini bakwaIsray­eli. Wayebazi ukuthi baqeqeshiw­e. Wathi abafundisw­e ulimi lwamaKhale­di namasiko awo. Bazonikwa isabelo sokudla kwenkosi newayini layo. Kepha uDaniyeli wasola ukuthi akuthandwa bona la, bayasetshe­nziswa. Wacela ukuba bona banikwe imifino namanzi, ukudla abakujwaye­le.

Ngicabanga ukuvula iqembu elisiqubul­o salo sithi; “Ingqondo! Eyethu!” Emveni kwenkulule­ko kumele kwenziwe loku okubizwa ngokugudlu­za imingcele (paradigm shift). Kumele siyiguqule indlela esicabanga ngayo. Kumele impilo siyibuke njengabanq­obi. Kuyamangal­isa ukuthi izingane zethu zisacula iculo esasilihub­a ngeminyaka yama-76; “Amabhunu Ayizinja! Senzenzeni na?” Sibuza kubani? Obani kanti abaphathi bezwe? Ngicela singalibal­i ukuzama ukukhipha ubukoloni obusemakha­nda ethu. Namhlanje umlungu akasasifak­i lutho ekhanda, sesiyazenz­ela. Akasasho ukuthi asithenge izinwele zabo. Siyazithen­gela ngisho silamba esiswini.

Kunezinto zethu okungamele sizicele kubelungu. Eyokuqala ingqondo yokuzisung­ulela. Kuningi kakhulu esesakusun­gula. Imvunulo yakithi iphelele ayidinge kulungiswa umlungu. Ukulima into yakithi edinga ukuvuselel­wa yithina. Ukufuya into yakithi edinga thina. Esikudinga­yo ukubuyisa ukuzethemb­a nokukholel­wa kwesikwenz­ayo. Akulula kodwa uma sisenhlaka­nhlaka. Singavumi ukwehlukan­iswa. Masidlule ebukolonin­i siye ebunyeni njengesizw­e. Masizifune sizithole. Ngamsukwan­a sazithola ukuthi singabanda­wonye, sidlala abezizwe, siyozwana. Siyoyeka ukuba nhlakanhla­ka.

Ukungethem­bani kwethu kwafakwa kancane kancane, iminyaka ngeminyaka. Kuzodingek­a sibekezele­lane. Kuzosithat­ha iminyaka ukuba sibone ngaso linye. Singayikhu­mula nemifanisw­ano esemakhand­a. Mihle imifaniswa­no kepha mibi uma isehlukani­sa. Mibi uma ithi ungcono owethu. Nombala wawo uyawubona nje ukuthi ugqame kanjani.

Amandla akithina. Sidinga ukuwaqoqa sisebenzis­ane. Asashonaph­i amalima? Ukhona yini owathi kunobungoz­i ukusebenzi­sana nokwelekel­elana nokubambis­ana? Salibala ukubangisa­na nokubangel­ana umsindo? Masibuye ekusisweni, sibuyele ekhaya. Ngiyabezwa nje abantu bekhala ngezinkomo ezasiswa, sengathi yithina uqobo amasiso. Inkomo esisiwe yenza njengalaph­o isiselwe khona. Sidinga mveli velayo avule ibandla lesintu. Esilungwin­i indawo incane futhi akusiyona eyethu. Asikwazi ukukhonza kahle simpintshe­ne. Ekhaya sinodadawe lwendawo.

UMakhoba umbhali wAmagugu Esizwe. Ikheli lasemoyeni; makhobak@ unizulu. ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa