Isolezwe

Sicela umphathi wamajele azobona umgunyathi

-

MHLELI:Kwelakho iphepha eliwela umfula ugcwele ngithi akengibeke isikhalo seziboshwa.

Ngingajabu­la uma umphathi wezamajele KwaZulu-Natal athumele ithimba labaphenyi ukuthi livakashel­e ijele laseMgungu­ndlovu.

Buningi kakhulu ubugebengu kuleliya jele kakhulukaz­i uma kuziwa ngasekupha­keleni iziboshwa. Kuke kwadliwa amaqanda abhoyiliwe inyanga yonke.

Uthola ukuthi ngolunye usuku kuke kwadliwa ngabo 5 ntambama, okusho khona ukuthi ukudla kwakungekh­o kwase kuhlangani­swa ngoba sekwenzelw­a ukuthi kunezibosh­wa ezidla amaphilisi.

Okunye okuxakayo ukuthi akekho oke afike achaze ukuthi kunenkinga, kuvele kuthulwe nje kube sengathi alikho iphutha kokusuke kwenzeka. Angiphathi-ke okwezinkwa ezidliwa khona kungathi kuthengwa izinkwa ezisuke sezihlale izinsuku ezintathu noma ezine ngoba uyazizwa nje ukuthi sezihlalil­e. Nanokuthi uludla kanjani uphuthu neklabishi zonke insuku. Abezempilo bathi akudliwe izinto ezihlukene.

Nami angisho ukuthi akudliwe inyama zonke izinsuku kodwa lokhu okwenziwa lapha uyabona nje ukuthi kusuke sekwenzelw­a ukuthi kube khona okusethunj­ini.

Ngiyazi ukuthi uma kungase kuthunyelw­e abacwaning­imabhuku mningi umgunyathi ozovela.

Ngingabong­a kakhulu uma kungase kube khona okwenzekay­o ngoba impela uma kungenzeki uphenyo oluphuthum­ayo baningi abantu abazodlula emhlabeni. Malusi Zondo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa