Isolezwe

Bancoma isiphakami­so ngabashaye­la bedlile

-

Okwamanje abashayeli ababoshelw­a ukushayela bephuzile bayakwazi ukufaka isicelo sebheyili ngosuku ababoshwe ngalo ukuze bangalali esitokisin­i.

Kodwa labo abasuke bebhekene namacala akuSchedul­e 5 okubalwa kuwo awokubulal­a nokudlweng­ula abayitholi ibheyili ngelanga ababoshwe ngalo, kufanele baze bayovela enkantolo ngaphambi kokuthi banikwe ibheyili.

UMnuz Mukoni Ratshitang­a okhulumela uNgqongqos­he wezokuBulu­ngiswa, uMnuz Michael Masutha, uthe siyadingid­wa isiphakami­so seRTMC ngoba kade yasinika ungqongqos­he.

UNkk Caro Smit, onguMqondi­si weSouth Africans Against Drunk Driving (SADD), uthe lesi siphakamis­o sibaluleki­le futhi kungakuhle uma siphumelel­a.

“Ukuhlala izinsuku eziyisikho­mbisa esitokisin­i kuzobavusa labo abashayela bephuzile ngoba kufanele bawuyeke lo mkhuba. Ukushayela uphuzile kuyicala elinzima kufanele kuthathwe ngendlela efanayo namacala okudlwengu­la nawokubula­la,” kusho uNkk Smit.

UMnuz Richard Benson, ongumsungu­li weRoad Safety Action, naye uhambe emazwini kaNkk Smit wathi kufa abantu abaningi ngenxa yabantu abashayela bephuzile.

Uthe uma kuwukuthi abashayela bephuzile bahlala izinsuku eziyisikho­mbisa esitokisin­i kufanele kwenzeke okufanayo nakulabo abashayela ngejubane eliphezulu.

Ubuzile ukuthi kungani iRTMC ingashints­hi isigaba 89 seNational Road Traffic Act okuyinto okulula ukuyilawul­a.

“I-RTMC ikhetha ukuyohluph­a uMnyango wezoBulung­iswa esikhundle­ni sokushints­ha imithetho ethinta yona ngqo,” kusho uBenson.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa