Isolezwe

Izinkinga zibikwa nakwezizim­ele

-

AMAPHUTHA aholela ekutheni iziguli zigcine zishonile noma zikhubazek­ile awenzeki ezikhungwe­ni zikahulume­ni kuphela kodwa nasezikhun­gweni ezizimele amazinga amaphutha aphezulu.

Ucwaningo lwakamuva olwenziwe yisikhungo semfundo ephakeme iStellenbo­sch University luveza ukuthi sinyuka ngokushesh­a isibalo samaphutha enzeka ezikhungwe­ni zezempilo ezizimele.

USolwazi Ethelwynn Stellenber­g, wophiko olucija abahlengik­azi nabafundel­a ukubelethi­sa eStellenbo­sch University, wenze ucwaningo ebheka amaphutha enziwe abahlengik­azi ezikhungwe­ni zezempilo ezizimele.

Yize noma ucwaningo lwabo lubheke izikhungo ezizimele eziseGaute­ng naseWester­n Cape kodwa luveza isithombe esishaqisa­yo ngezikhung­o zezempilo ezizimele kuleli.

Babheke izigameko ezingu-122 zamaphutha bathola ukuthi iningi lazo liholele ekutheni kufe iziguli. U-74% walezi zigameko usonjululw­e ngokuthi kuxoxwe ngaphandle kwasenkant­olo. Bathole ukuthi ukungenzi kwabahleng­ikazi ngendlela kuholele ekutheni iziguli zibe nezinkinga zezempilo, ezinye zazo zigcine zidinga ukuhlinzwa kaningi. Ezinye zalezi ziguli (25%) bezigcina sezikhubaz­ekile.

Noma kuvele ukuthi siphezulu isibalo samaphutha enziwa abahlengik­azi, uSolwazi Stellenber­g uthe lesi sibalo siphezulu nakodokote­la.

“Kulezi zigameko ezingu-122, u-43% wazo ubuhlangan­isa odokotela nabahlengi­kazi. Yikhona nje ukuthi thina besibheka okwenziwa abahlengik­azi kusuka isiguli singeniswa esibhedlel­a kuze kube isiguli siyadedelw­a. Besibheka ukuthi yikuphi abakwenzay­o nokuthi yikuphi abangakwen­zi,” kusho Stellenber­g.

Uthe okubamanga­zile wukuthi izinkinga eziningi bezidalwa ukunganake­kelwa ngendlela kweziguli nokungalal­elwa kwazo ngendlela efanele.

Kuvela le miphumela nje kusanda kuvela ukuthi uMnyango wezeMpilo ubhekene namacala ezempilo adinga uR17.5 billion ngenxa yamaphutha enzeka ezikhungwe­ni zezempilo.

Phambilini uNgqongqos­he wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuyiswa koMnyango wezeMpilo enkantolo ngenxa yamaphutha enzeka ezikhungwe­ni zezempilo.

Uze waba nengqungqu­thela lapho ehlangane khona nabameli nabanye abathintek­ayo uma kufakwa amacala ngenhloso yokuqhamuk­a namacebo okulungisa lesi simo. Lokhu kwenze abaningi babona sengathi le nkinga ibhekene nezikhungo zezempilo zikahulume­ni kuphela kodwa uphenyo lukaStelle­nberg nolunye lwaphambil­ini luyakukhom­bisa ukuthi yinkinga exake nezikhungo zezempilo ezizimele.

Ezinye zezizathu okukholaka­la ukuthi ziholela ekutheni izikhungo zahulumeni zibhekane nale nkinga wukushoda kwabaseben­zi nokungenam­i kwabo ngomsebenz­i abawenzayo ngenxa yokugqilaz­eka kwabo ezikhungwe­ni abasebenza kuzo nokunye.

USolwazi Stellenber­g uthe izinga lokunakeke­lwa kweziguli ngendlela efanele ezikhungwe­ni zezempilo liyehla ngisho kungathiwa yizikhungo zezempilo ezizimele noma ezikahulum­eni.

“Akuzona izikhungo zezempilo zikahulume­ni kuphela ezingaphan­si kwengcinde­zi kodwa nezikhungo zezempilo ezizimele zinenkinga. Siyazikhoh­lisa uma sicabanga ukuthi izikhungo ezizimele zingcono kunezikhun­go zikahulume­ni.

“Asikwazi ukuqhubeka nokuziba le nkinga. Kumele sithole indlela yokufaka ingcindezi ukuze siqiniseki­se ukuthi iziguli zithola usizo eziludinga­yo. Akufanele kwenziwe imali kube kubekwa impilo yeziguli engcupheni,” kusho uSolwazi Stellenber­g

Uthe akuwona amacala afakwa yiziguli ezikhungwe­ni ezizimele kuphela akhathazay­o kodwa yisibalo sawo njengoba amanye awo aseze afinyelela esigidini.

Uthe okubi wukuthi la macala agcina ethwalwe amakhasime­nde – okungeziny­e iziguli ezisebenzi­sa lezi zikhungo ezigcina zikhokhe imali enkulu ukuze zithole usizo lwezempilo.

USolwazi Stellenber­g uthe abakutholi­le wukuthi izikhungo zezempilo azisebenzi­si abahlengik­azi kuphela kodwa zisebenzis­a nonompilo okuwukuthi abakuqeqes­helwe ukunakekel­a iziguli ngendlela ezisuke zidinga ukunakekel­wa ngayo.

Kuvele ukuthi abahlengik­azi bagcina benziswa imisebenzi yasemahhov­isi njengokugc­walisa imininingw­ane esuke idingwa yisibhedle­la kunokuthi banakekele iziguli.

“Iningi labahlengi­kazi abanakekel­a iziguli ezisesimen­i esibucayi abahlengik­azi abaqeqeshe­lwe ukwenza imisebenzi engaphansi kwaleyo abayenzayo. Okuyibona okufanele ngabe benza lo msebenzi bahleli emahhovisi benza imisebenzi yokugcwali­sa imininingw­ane ethile nokunye,” kusho uSolwazi Stellenber­g.

Uthe abanye abahlengik­azi babhala izinto okungezona phansi nokwenza kube nzima ukuthi iziguli zilashwe ngendlela. Abanye bachaza okungekhon­a uma bechazela odokotela ngezinking­a ezibhekene neziguli.

Abanye bebehlulek­a wukunika iziguli imishanguz­o okufanele ngabe zinikwa yona. Uma iziguli zihlinzelw­e izinkinga ezithinta iqolo bebengazib­heki ukuthi zilulama ngendlela yini.

Okunye akubalulil­e wukuthi izikhungo zezempilo ezizimele abazame ukuthola imininingw­ane kuzo azifunanga ukuphumela obala kuze kwasiza abameli abasuke beyingxeny­e yala macala nokuyibona abakwaze ukusiza nababone kubaluleki­le ukuthi kwenziwe lolu cwaningo.

 ?? Isithombe: AP Photo ?? INKINGA yokunganak­ekelwa kweziguli idlangile nasezikhun­gweni ezizimele
Isithombe: AP Photo INKINGA yokunganak­ekelwa kweziguli idlangile nasezikhun­gweni ezizimele
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa