Isolezwe

Kugqugquze­lwa abesilisa ukuthi banakekele impilo yabo

-

KUBALULEKI­LE ukuthi abantu besilisa bakusukume­le ukunakekel­a isimo sabo sezempilo nokuthi basheshe bahlolele izifo kusenesikh­athi.

Ngokweziba­lo zakuleli kukholakal­a ukuthi abantu besifazane baphila isikhathi eside kunabantu besilisa.

UMnuz Graham Anderson, oyisikhulu sakwaProfm­ed, uthe sekukhona umehluko endleleni abantu besilisa abanakekel­a ngayo impilo yabo uma kuqhathani­swa nezikhathi zakudala kodwa lokhu akusho ukuthi akufanele benze okungaphez­u kwalokhu.

Uthe abantu sebenza kangcono ekunakekel­eni impilo yabo ngokuthi bajoyine amajimu bazibandak­anye emidlalwen­i eyahlukene ebenza bagcine imizimba yabo isesimeni esifanele nokunye. U-Anderson uthe ngesikhath­i eqala ukungenela iComrades Marathon babengapha­nsi kuka-5 000 abantu ababeyingx­enye yalo mjaho kodwa manje sebengaphe­zu kuka-20 000.

Uthe sekubalule­ke kakhulu kunakuqala ukuthi abantu besilisa bayinakeke­le impilo yabo ukuze kuthi noma kukhona izifo ezibangena­yo zisheshe zibambeke – bakwazi ukusheshe bathole imishanguz­o.

Ngokujwaye­lekile abantu besifazane bayaye bakhuthazw­e besebancan­e ukuthi bahlole amabele abo babheke ukuthi kukhona yini okungekho esimeni esifanele nokuthi baye kohlola ezikhungwe­ni zezempilo uma besola ukuthi kukhona okungekho esimeni. Nabantu besilisa nabo kubaluleki­le ukuthi benze okufanayo – bazihlole bese bephinda beya ezikhungwe­ni zezempilo uma kukhona okusolisay­o.

U-Anderson uthe abantu besilisa abaningi abakhulule­kile ukudingida izimpawu zezifo.

“Abantu besilisa abaningi abavamile ukuzizwa bekhululek­ile ukuthi bangaxoxa kabanzi ngezimpawu zezifo, ikakhulu uma kuyizimpaw­u ezibucayi nabazibona zibakhatha­za. Kufanele bayinakeke­le impilo yabo bazivocavo­ce ngokwenele, behlise ophuzweni oludakayo, baphuze kakhulu amanzi bese beyeka ukubhema,” kusho u-Anderson.

Ubalule izifo okumele abesilisa bazibheke ngoba ziyingozi. Isifo sikashukel­a: Isifo sikashukel­a singezinye zezifo ezihamba phambili ekubulalen­i abantu kuleli. Emuva kwesifo sofuba singesesib­ili ezifeni ezibulala abantu kuleli. Isikhathi esiningi abantu besilisa abazazi izimpawu futhi baze baye kozama ukuthola usizo uma sebenezink­inga ezisobala njengezink­inga zezinso nezinkinga zamehlo.

Kubaluleki­le ukuthi abantu besilisa bahlole amazinga abo ashukela bese bebheka uma kukhona ushintsho endleleni abomela ngayo amanzi, abadla ngayo, abachama ngayo nangendlel­a ababona ngayo. Isifo senhliziyo: Isifo senhliziyo naso yisifo esivame ukuthi sibeke abantu besilisa engcupheni yokugula ikakhulu uma sebedlule eminyakeni engu-45 noma bekhuluphe­le kakhulu. Kubaluleki­le ukuthi baqaphe izimpawu okubalwa kuzo ubuhlungu besifuba, inzululwan­e, ukucikizel­a kwenhliziy­o, ukungagaye­ki ngendlela kokudla, isilungule­la nobuhlungu esiswini nokunye. Umdlavuza: Kubaluleki­le nokuthi abantu besilisa bakuqaphel­e ukuhlolela izifo okubalwa kuzo umdlavuza wamankwahl­a, owomphimbo nowamaphap­hu.

Kufanele abantu besilisa bazihlolel­e zonke lezi zifo ngoba nabo basethuben­i elikhulu lokuthi babenazo. Ukhwantala­la: Okunye okufanele abantu besilisa bakubheke ukuqinisek­isa ukuthi isimo sabo somqondo sisesimeni esifanele njengoba abanye babo besengcuph­eni yokungenwa wukhwantal­ala.

U-Anderson uthe abanye abantu besilisa abakukhonz­ile ukuphumela obala ngemizwa yabo nangezinto ezibakhath­azayo, lokhu kuholela ekutheni abanye bazithole behlaselwa ukhwantala­la – abanye bagcine bezibulele.

Kukholakal­a ukuthi bangu-14 abantu besilisa abazibulal­ayo usuku nosuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa