Isolezwe

Kumele sibuye sibaxolele onompempe:oweSuperSp­ort

- LUNGILE MAJOKA

UKAITANO Tembo usamukele isinqumo sokunganik­ezwa ikhadi elibomvu kukanozint­i weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune emdlalweni we-quarterfin­al yeTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelaso­nto.

Unompempe obephethe umdlalo, uDaniel Bennett, unikeze uKhune ikhadi eliphuzi ngemuva kokuthi lo nozinti evimbe ibhola ngesandla ngaphandle kwebhokisi esebhekene nomdlalo weSuperSpo­rt United, u-Aubrey Modiba.

Lesi sigameko senzeke ngaphambi kokuthi iChiefs ithole igoli egcine inqobe ngalo elishaywe uRamahlwe Mphahlele. Ngaphambi kwalo mdlalo Amakhosi abebekelwe iphenathi kodwa wayigeja uWillard Katsande.

“Ngesikhath­i sekhefu ngikhulume nonompempe ngibuza ngokwenzek­ile. Ngicabanga ukuthi uxolisile ngokwenza isinqumo okungesona. Uthe naye obengenaso isiqinisek­o ngokwenzek­ile ngakho ubengeke akwazi ukuthatha isinqumo okuyiso (ikhadi elibomvu). Mina bengikude angibonang­a kahle okwenzekil­e.

“Kumele sibuye sibaxolele onompempe angikholwa ukuthi akwenzile kube yinhloso. Emdlalweni omkhulu kumele ube nesiqinise­ko ngezinqumo ozithathay­o,” kusho uTembo.

Uthe wethemba ukuthi unompempe nethimba lakhe bazowubuye­keza umdlalo bafunde emaphuthen­i abawenzile. Umqeqeshi weChiefs, uSolinas ebuzwa ngokwenzek­ile uthe akathandi ukuphawula ngezinqumo zikanompem­pe “ngoba kuyenzeka zikuvune noma zingakuvun­i”.

UTembo uthe bebefuna ukususa izinyembez­i zokuhlulwa kowamanqam­u eMTN 8 ngokuthi badlulele kweyandule­la owamanqamu kwiTelkom Knockout.

I-United ihlulwe iCape Town City kowamanqam­u eMTN 8 ngenyanga edlule.

“Abadlali badlale kahle kakhulu ikakhuluka­zi esiwombeni sesibili. Ngicabanga ukuthi neChiefs iyakubona ukuthi kudingeke ukuthi ikujulukel­e ukuwina. Kusemqoka manje ukuthi sibheke emdlalweni olandelayo. Ngiyazi abadlali baphoxekil­e ngoba bebezimise­le ngokususa ukudumala kweMTN 8 kodwa kumele sibakhutha­ze sibheke umdlalo wethu weligi neFree State Stars,” kusho Tembo. Umdlalo ungoMgqibe­lo eGoble Park ngo-8.15 ebusuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weSuperSpo­rt uKaitano Tembo, usefuna ukubheka phambili akhohlwe okwenzeke kwiTelkom Knockout
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weSuperSpo­rt uKaitano Tembo, usefuna ukubheka phambili akhohlwe okwenzeke kwiTelkom Knockout
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa