Isolezwe

‘Ayikho eyokuthi iqembu kalinamali’

- NDUDUZO DLADLA

USIMO Dladla, opheka iReal Kings FC edlala kwiNationa­l First Division (NFD), uchitha amahlebezi okuthi iqembu lakhe alinayo imali yokuholela badlali.

UDladla ubize lokhu ngamampume ashiwo ngabathile abahlose ukudicilel­a isithunzi seqembu phansi.

Ngokwemibi­ko kuvela ukuthi iKings ayisenayo imali kangangoku­ba sekukhethw­a iphela emasini uma kuholelwa abadlali. Kukhona osekuphele izinyanga bengaholi.

Ngesizini edlule iKings ibivutha ingabaselw­e kwasala kancane ingene kweyokuhlu­ngela ukungena kwi-Absa Premiershi­p. EzikaDladl­a zilale endaweni yesine kwilog ngesizini edlule.

Nokho selokhu kuqale isizini, iKings akuyihambe­li kahle, isanqobe imidlalo emibili, kweyishumi. Lokho kuyishovel­e kunombolo 13 kwi-log ngamaphuzu ayisishiya­galolunye.

Engxoxweni naye izolo, uDladla ukukhahlel­e ngazo zombili ukuthi ezakhe zidonsa kanzima kwezemali.

“Yinto engekho leyo. Kukhona abangithin­tile ngeledlule, bebuza ngala mahemuhemu nabo ngabatshel­a ukuthi ayikho leyo nto, konke kuhamba kahle eqenjini. Thina eqenjini sihola sonke ngomhlaka 2. Lokho kusho ukuthi ngoLwesihl­anu olwedlule besihola, futhi ngazi ukuthi wonke umuntu uholile. Eqenjini ngenza imisebenzi emibili – ngingumqeq­eshi ngiphinde ngibe yimenenja. Ngakho okuningi kudlula ezandleni zami, ngikwazi kahle njengoba ngizazi,” kusho uDladla.

Eqhubeka echaza, uthe usola ukuthi kunabathil­e abazama ukudicilel­a isithunzi seqembu phansi ukufeza izinhloso zabo.

“Kunabantu abathile abazama ukudicilel­a phansi isithunzi seqembu. Kunenqwaba yabantu efuna ukungena lapha kwiKings kodwa akulula. Manje bazama ngazo zonke izindlela ukudunga into enhle esiyenzayo. Kuyishwa nje ukuthi ngeke ngikwazi ukukutshel­a zonke izinto abazenzayo kithina kodwa iqiniso nje ngamanga aluhlaza lawo abawashoyo,” kuqhuba uDladla.

Enezezela uDladla uthe: “Le nto yimbi ngoba yehlisa nesithunzi sikasihlal­o uNgidi kanti okushiwoyo akulona iqiniso. Thina siholela wonke umuntu lapha eqenjini lethu, siholela ngisho umuntu onqanyulel­we inkontilek­a yakhe”.

L

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIMO Dladla oqeqesha iReal Kings uthi ayikho inkinga yemali eqenjini lakhe kodwa kukhona abafafaza amanga
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIMO Dladla oqeqesha iReal Kings uthi ayikho inkinga yemali eqenjini lakhe kodwa kukhona abafafaza amanga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa