Uthembisa lukhulu osemncane kwiMaritzburg
UTHEMBISA lukhulu umdlali weMaritzburg United osemncane uJustice Figuareido (20) odabuka eSwatini kulandela iminyakazo yakhe akhombise ngayo ukuthi lukhulu angalwenzela iqembu laseMphithi yinqobo nje uma ezonikwa isikhathi sokujwayela. UFiguareido ofike kwiTeam of Choice ekuqaleni kwesizini, udlale ngendlela ethembisayo waze washaya negoli yize ehlulekile ukusiza iqembu lakhe ukuba lidlulele emzuliswaneni olandelayo weTelkom Knockout. Ngaphandle kweminyakazo yalo mdlali eqhamuka ngakwesokunxele iBidvest Wits ibiwuphethe umdlalo. Nomqeqeshi wakhe uFadlu Davids akawuvali umlomo ngekhono elikuyena kepha ushumayela ivangeli lokuthi akanikwe ithuba ajwayele kahle konke. Ngemuva kwalo mdlalo uFiguareido uthe lukhulu luyeza kodwa wakucacisa ukuthi konke kulele ekutheni umqeqeshi ubonani kuyena. “Ngiwumuntu okholelwa ekusebenzeni ngokuzikhandla ngakho-ke ngicabanga ukuthi abaqeqeshi bami bayakubona lokho engikwenzayo. Kusukela ngifikile lapha indlela engiphathiswe okweqanda ngayo ingenza ngizimisele nakakhulu ukukhokhela bonke abaxhumene neMaritzburg. Leli qembu linginike ithuba ngingaziwa ngakho kimina kunesikweletu. Abadlali engibafice eqenjini bangamukele ngezandla ezimhlophe. Kubuhlungu ukuthi ngithole igoli emdlalweni esingawuwinanga kodwa kimina kusho lukhulu ngoba sengiqalile ukukhokha,” kusho lo mdlali. Nakuba umphumela wangoMgqibelo kungazange kube yilo iMaritzburg ebiwufuna kodwa uFadlu uzwakalise okukhulu ukweneliseka ngoFiguareido. “Kusukela efikile ulokhu esikhombisa ukuthi yini angasenzela yona njengoba enzile nakweminye imidlalo ngaphambi kwalo weTelkom Knockout. Njalo uma enikwe ithuba elincane ufika abe yinkinga ezitobheni. Akukho okunye esimlandele khona ngaphandle kokuthi enze lokho. Kusha konke kuyena ngakho asikho isidingo sokumjaha ngoba neminyaka isamvumela. Sibheke lukhulu kuyena. “Uyakwazi naye lokho kodwa futhi simqinise idolo ngokuthi noma ngabe kwenzekani ngeke simthwese umthwalo omkhulu ngoba siyaqonda ukuthi usemncane futhi musha ezweni kanti neqembu adlala kulona lisha,” kusho uDavids.