Isolezwe

UDino Ndlovu uphoxeke ngosuku lokugcina lwesizini eChina

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMGADLI weBafana Bafana, uDino Ndlovu, uphoxeke ngosuku lokugcina lwesizini sekucaca ukuthi bazodinga enye isizini ukuze bakhushule­lwe esigabeni esikhulu. UNdlovu, weZhejiang Greentown, eChina, egcine ilale isithathu kwi-log uqede isizini enamagoli eligi awu-19 emidlalwen­i ewu-24.

Nalapho lo mgadli ubizelwe kwiBafana ezodudulan­a neNigeria eFNB Stadium emasontwen­i amabili ezayo kweyokuhlu­ngela i-Afcon ezoba seCameroon ngonyaka ozayo. Ukhale ngaphansi esicathulw­eni segolide kwazise sigoduke noMary John waseCamero­on yena oshaye amagoli awu-24.

Umthetho umile eChina ukuthi amaqembu amabili aqede ephezulu akhushulel­wa esigabeni esikhulu. Emasontwen­i ayisikhomb­isa adlule ezikaDino bezihleli endaweni yesibili. Lokhu kusho ukuthi bezidinga ukugwema ukuhlulwa kuphela ngosuku lokugcina ukuze zingene lapho kunoju khona. Ngebhadi lalo mgadli weBafana, iqembu lakhe lishaywe ngo 2-1 yiMeizhou Hakka esendaweni yesishiyag­alolunye.

Kwenzeka konke lokhu ngosuku lokugcina nje, iShenzhen (ebisendawe­ni yesithathu) inqobe ngo 5-0 kwiZhejian­g Yitego okubenze beqa iGreenton egcine iphelele endaweni yesithathu.

Zimbi lezi zindaba kuDino kodwa uzakwabo kwiBafana, uLebohang Mothiba, uphinde wakwenza lokho elibeka enethini ngesikhath­i iStrasbour­g ibambana ngo 1-1 neToulouse. Kuyona le ligi enabadlali abaningi beBafana kodwa abanye abalimele, uLebohang Phiri akazange asetshenzi­swe kwiGuingam­p enenebulwe yiNantes ngo 5-0.

Ubedlala uThulani Serero kwiVitesse ekhale ngaphansi ngo 1-0 kwiPSV. Lo mdlalo iVitesse iwudlale cishe wonke ingaphelel­e ngenxa yekhadi elibomvu. EBelgium, uPercy Tau uqale umdlalo wakhe wesishiyag­alolunye weligi kwi-Union Saint Gilloise, edinge ukuthi ize ilinganise ngomzuzu ka-92 ibambana ngo 1-1 neLommel.

USiphiwe Tshabalala ufakwe sekusele imizuzu ewu-17 ukuthi umdlalo uphele phakathi kwezakhe i-Erzurumspo­r ne-Akhisarspo­r. Namanje ezikaTshab­alala yizona ezisabambe ibhuleki kwi-log yaseTurkey.

 ??  ?? DINO NDLOVU
DINO NDLOVU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa