UJohannes usafuna ukudla ezinye izicoco
YIZE isiqongqwane seBidvest Wits esinguRobyn Johannes sinomlando wokuba ngomunye wabadlali abayingcosana kakhulu eNingizimu Afrika ukuzidla zonke izicoco ezikhona ebholeni laseNingizimu Afrikam kodwa sisafuna ukuwina ezinye.
UJohannes, oshiye iCape Town City engukaputeni, ufike kwiWits wahlangana nabanye omakadebona oThulani “Tyson” Hlatshwayo, Buhle Mkhwanazi noSifiso Hlanti. Kusukela efikile ungene khaxa endleleni yokudlala kaGavin Hunt kanti ngaphandle kokudlala usephenduke omunye wabaholi abamqoka kwiZitshudeni.
NgoMgqibelo ube nesandla esikhulu ekutheni iWits idlulele kuma-semi final eTelkom Knockout. Esiwombeni sesibili somdlalo iTeam of Choice ibisivuke indlobane kodwa ukunethezeka ebholeni nokusheshe afunde umqondo kumenze waba ngomunye wabadlali abagqamile uJohannes.
Ephawula ngemuva komdlalo uthe bebevele belindele ukuthi bazoxinwa ngoba iMaritzburg idlala kanjalo uma isekhaya kodwa ukuqina kokhakhayi kozakwabo yikhona okubawezele ngaphesheya.
“Akukho okusithusile kulo mdlalo ngoba konke okwenzekile besikuhlelele futhi besikulindele ukuthi kuzokwenzeka. Konke lokhu ngeke ukwazi ukukwenza ngabadlali abasha. Sihlukile kwamanye amaqembu ngenxa yokuqina kokhakhayi kwethu singabadlali. Sinalo ithuba lokuhamba size sifike ekugcineni emqhudelwaneni kodwa okusemqoka wukuthi sizazi njalo ukuthi singobani, yini esingcono kuyona nanokuthi yikuphi lapho sixega khona,” kusho uJohannes.
Usazimisele ngokuqhubeka nokuqoqa izinkomishi yize ebalwa nabakhathekile ngenxa yokuthi useke wadla isicoco seligi, MTN 8, Nedbank Cup neTelkom Knockout.
Udle iligi neMamelodi Sundowns ngesizini ka-2005/2006 neka-2006/2007. Lokhu ukulandelise ngeSAA Supa 8 (MTN 8) neNedbank Cup esekuyona iSundowns. Usukile lapho uJohannes waya kwi-Orlando Pirates. Imlandele inhlanhla lapho ngoba ufike ngesikhathi leli qembu lizenzela ezicocweni. Ngonyaka wakhe wokuqala kwiBucs, uJohannes uwine isicoco seligi, MTN 8 neNedbank Cup.
Udlale isizini eyodwa kwiPirates ngaphambi kokuya eThekwini lapho efike wadlalela khona iLamontville Golden Arrows ngaphambi kokuthi asayine kuMaZulu agcine edliwa yizembe wehla nawo wayodlala kwiNational First Division (NFD).
Zibuye zalunga izinto kulo mdlali oseke wadlala kwiBafana Bafana, Under 23 ne-Under 20 ngoba ukufika kwkahe kwiCape Town City kuphelezelwe wukuthi adle nayo isicoco seTelkom Knockout.
“Konke kulele kithina ukuthi sisivikele lesi sicoco. Siyazi singakwenza lokhu uma sizoqhubeka nokudlala ngendlela esidlale ngayo sinqoba ekuhambeni kwiMaritzburg,” kusho uJohannes.