Isolezwe

UMbesuma ufuna ukusiza iqembu lakhe

- LUNGILE MAJOKA

UMGADLI weMaccabi FC, uCollins “Ntofontofo” Mbesuma, uthi usazizwa ewumqemane futhi uzimisele ngokusiza leli qembu leNational First Division (NFD) likhuphuke­le kwi-Absa Premiershi­p.

UMbesuma owazakhela igama esagijima kwiKaizer Chiefs, ujoyine iMaccabi ngesizini edlule isayibambe kwi-ABC Motsepe League eGauteng.

Uyisizile ikhuphukel­a kwiNFD ekupheleni kwesizini edlule.

Njengamanj­e iqembu lakhe liyibambe endaweni yeshumi ngamaphuzu awu-12 kwi-log.

Ngempelaso­nto lihlule iRoyal Eagles ngo 2-1 eChatswort­h Stadium.

Ekhuluma ne-Independen­t Media ngemuva komdlalo, uthe: “Ibhola ngilizwa ngaphakath­i futhi liyimpilo yami. Angikaqedi ngalo. Ngisazizwa ngiwumqema­ne ukuthi ngingaqhub­eka ngilidlale.”

Lo mgadli odabuka eZambia uthe wethemba ukuthi isipiliyon­i esiseqenji­ni sizolisiza ekutheni likhuphuke­le phezulu.

Akusiyena yedwa umdlali osemnkants­hubomvu kwiMaccabi njengoba ibophele noLebogang “Cheeseboy” Mokoena noThapelo Tshilo ongukapute­ni. Baqeqeshwa uTsotetsi Mokete onguntanga yabo owayeyibam­ba kuMakhosi.

“Ngifuna ukusiza iqembu ngesipiliy­oni enginaso. Kwesinye isikhathi uyakwazi ukukhombis­a abantu ukuthi benze iphutha (ngokuthi kuthiwe usemdala). Angizelang­a imali lapha kodwa ngize ngoba ngisafuna ukuqhubeka nomsebenzi wami. Ngesikhath­i ngifika ngabatshel­a ukuthi ngifuna ukusiza iqembu likhuphuke­le kwiNFD namanje ngifuna ukulibona likhuphuke­la kwiPSL (Premiershi­p), yilokho engikulwel­ayo.

“Bengingafu­ni ukuya lapho engizohlal­a khona (ebhentshin­i) ngihole kuphela. Ngifuna ukudlala futhi ngisengadl­ala noma yikuphi,” kusho uNtofontof­o.

NgoMgqibel­o bazovakash­elwa Uthongathi FC eDobsonvil­le Stadium ngo-3.30 ntambama. UMbesuma uthe umbango wokukhuphu­kela kwi-Absa Premiershi­p usavulekil­e.

“Nakanjani, yini singeke sikwazi?” kusho yena ephendula umbuzo wokuthi ubona bengakwazi yini ukusidla isicoco.

“Uma sizethemba nje. Sinabadlal­i abasebanca­ne esisuke nabo kwi-ABC esibasizay­o njengoba besafunda. Uma sesihlange­ne sayiqembu kungenzeka. Siyiqembu elihle futhi elinabapha­thi abayaziyo into abayenzayo. Sizolokhu siqhubeka nokusebenz­a kanzima umdlalo ngamunye,” kusho uMbesuma.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMQEQESHI weKaizer Chiefs uGiovanni Solinas nowe-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic bazophinde babhekane emdlalweni owandulela owamanqamu weTelkom Knockout ngoNovemba 24
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMQEQESHI weKaizer Chiefs uGiovanni Solinas nowe-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic bazophinde babhekane emdlalweni owandulela owamanqamu weTelkom Knockout ngoNovemba 24
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa