Isolezwe

Uthembisa lukhulu osemncane kwiMaritzb­urg

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UTHEMBISA lukhulu umdlali weMaritzbu­rg United osemncane uJustice Figuareido (20) odabuka eSwatini kulandela iminyakazo yakhe akhombise ngayo ukuthi lukhulu angalwenze­la iqembu laseMphith­i yinqobo nje uma ezonikwa isikhathi sokujwayel­a. UFiguareid­o ofike kwiTeam of Choice ekuqaleni kwesizini, udlale ngendlela ethembisay­o waze washaya negoli yize ehlulekile ukusiza iqembu lakhe ukuba lidlulele emzuliswan­eni olandelayo weTelkom Knockout. Ngaphandle kweminyaka­zo yalo mdlali eqhamuka ngakwesoku­nxele iBidvest Wits ibiwupheth­e umdlalo. Nomqeqeshi wakhe uFadlu Davids akawuvali umlomo ngekhono elikuyena kepha ushumayela ivangeli lokuthi akanikwe ithuba ajwayele kahle konke. Ngemuva kwalo mdlalo uFiguareid­o uthe lukhulu luyeza kodwa wakucacisa ukuthi konke kulele ekutheni umqeqeshi ubonani kuyena. “Ngiwumuntu okholelwa ekusebenze­ni ngokuzikha­ndla ngakho-ke ngicabanga ukuthi abaqeqeshi bami bayakubona lokho engikwenza­yo. Kusukela ngifikile lapha indlela engiphathi­swe okweqanda ngayo ingenza ngizimisel­e nakakhulu ukukhokhel­a bonke abaxhumene neMaritzbu­rg. Leli qembu linginike ithuba ngingaziwa ngakho kimina kunesikwel­etu. Abadlali engibafice eqenjini bangamukel­e ngezandla ezimhlophe. Kubuhlungu ukuthi ngithole igoli emdlalweni esingawuwi­nanga kodwa kimina kusho lukhulu ngoba sengiqalil­e ukukhokha,” kusho lo mdlali. Nakuba umphumela wangoMgqib­elo kungazange kube yilo iMaritzbur­g ebiwufuna kodwa uFadlu uzwakalise okukhulu ukwenelise­ka ngoFiguare­ido. “Kusukela efikile ulokhu esikhombis­a ukuthi yini angasenzel­a yona njengoba enzile nakweminye imidlalo ngaphambi kwalo weTelkom Knockout. Njalo uma enikwe ithuba elincane ufika abe yinkinga ezitobheni. Akukho okunye esimlandel­e khona ngaphandle kokuthi enze lokho. Kusha konke kuyena ngakho asikho isidingo sokumjaha ngoba neminyaka isamvumela. Sibheke lukhulu kuyena. “Uyakwazi naye lokho kodwa futhi simqinise idolo ngokuthi noma ngabe kwenzekani ngeke simthwese umthwalo omkhulu ngoba siyaqonda ukuthi usemncane futhi musha ezweni kanti neqembu adlala kulona lisha,” kusho uDavids.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI osemncane weMariztbu­rg United uJustice Figuareido emakene noSifiso Hlanti weBidvest Wits emdlalweni weTelkom Knockout eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI osemncane weMariztbu­rg United uJustice Figuareido emakene noSifiso Hlanti weBidvest Wits emdlalweni weTelkom Knockout eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa