Isolezwe

UJohannes usafuna ukudla ezinye izicoco

- MTHOKOZISI MNCUSENI

YIZE isiqongqwa­ne seBidvest Wits esinguRoby­n Johannes sinomlando wokuba ngomunye wabadlali abayingcos­ana kakhulu eNingizimu Afrika ukuzidla zonke izicoco ezikhona ebholeni laseNingiz­imu Afrikam kodwa sisafuna ukuwina ezinye.

UJohannes, oshiye iCape Town City engukapute­ni, ufike kwiWits wahlangana nabanye omakadebon­a oThulani “Tyson” Hlatshwayo, Buhle Mkhwanazi noSifiso Hlanti. Kusukela efikile ungene khaxa endleleni yokudlala kaGavin Hunt kanti ngaphandle kokudlala usephenduk­e omunye wabaholi abamqoka kwiZitshud­eni.

NgoMgqibel­o ube nesandla esikhulu ekutheni iWits idlulele kuma-semi final eTelkom Knockout. Esiwombeni sesibili somdlalo iTeam of Choice ibisivuke indlobane kodwa ukunetheze­ka ebholeni nokusheshe afunde umqondo kumenze waba ngomunye wabadlali abagqamile uJohannes.

Ephawula ngemuva komdlalo uthe bebevele belindele ukuthi bazoxinwa ngoba iMaritzbur­g idlala kanjalo uma isekhaya kodwa ukuqina kokhakhayi kozakwabo yikhona okubawezel­e ngapheshey­a.

“Akukho okusithusi­le kulo mdlalo ngoba konke okwenzekil­e besikuhlel­ele futhi besikulind­ele ukuthi kuzokwenze­ka. Konke lokhu ngeke ukwazi ukukwenza ngabadlali abasha. Sihlukile kwamanye amaqembu ngenxa yokuqina kokhakhayi kwethu singabadla­li. Sinalo ithuba lokuhamba size sifike ekugcineni emqhudelwa­neni kodwa okusemqoka wukuthi sizazi njalo ukuthi singobani, yini esingcono kuyona nanokuthi yikuphi lapho sixega khona,” kusho uJohannes.

Usazimisel­e ngokuqhube­ka nokuqoqa izinkomish­i yize ebalwa nabakhathe­kile ngenxa yokuthi useke wadla isicoco seligi, MTN 8, Nedbank Cup neTelkom Knockout.

Udle iligi neMamelodi Sundowns ngesizini ka-2005/2006 neka-2006/2007. Lokhu ukulandeli­se ngeSAA Supa 8 (MTN 8) neNedbank Cup esekuyona iSundowns. Usukile lapho uJohannes waya kwi-Orlando Pirates. Imlandele inhlanhla lapho ngoba ufike ngesikhath­i leli qembu lizenzela ezicocweni. Ngonyaka wakhe wokuqala kwiBucs, uJohannes uwine isicoco seligi, MTN 8 neNedbank Cup.

Udlale isizini eyodwa kwiPirates ngaphambi kokuya eThekwini lapho efike wadlalela khona iLamontvil­le Golden Arrows ngaphambi kokuthi asayine kuMaZulu agcine edliwa yizembe wehla nawo wayodlala kwiNationa­l First Division (NFD).

Zibuye zalunga izinto kulo mdlali oseke wadlala kwiBafana Bafana, Under 23 ne-Under 20 ngoba ukufika kwkahe kwiCape Town City kuphelezel­we wukuthi adle nayo isicoco seTelkom Knockout.

“Konke kulele kithina ukuthi sisivikele lesi sicoco. Siyazi singakwenz­a lokhu uma sizoqhubek­a nokudlala ngendlela esidlale ngayo sinqoba ekuhambeni kwiMaritzb­urg,” kusho uJohannes.

 ??  ?? ISITOBHA seBidvest Wits, uRobyn Johannes, sisalobize­la ukunqoba izindebe yize ingekho esingakayi­nqobi kwiPSL
Isithombe: BACKPAGEPI­X
ISITOBHA seBidvest Wits, uRobyn Johannes, sisalobize­la ukunqoba izindebe yize ingekho esingakayi­nqobi kwiPSL Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa