Isolezwe

USolinas akesabi qembu kwawePSL

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs uveze ukuthi alikho iqembu alesabayo inqobo nje uma ezakhe zizodlala ngokuzethe­mba ezikukhomb­ise ngesikhath­i zikhipha iSuperSpor­t United kwiTelkom Knockout ngempelaso­nto.

IChiefs inqobe ngo 1-0 wegoli likaRamahl­we Mphahlele elingene esiwombeni sokuqala eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Amakhosi athole leli goli ngemuva kwesigamek­o esishiye abanye bengeneme ngesinqumo sikanompem­pe uDaniel Bennett onikeze u-Itumeleng Khune ikhadi eliphuzi ngemuva kokudlala ibhola ngesandla engaphandl­e kwebhokisi.

Abanye babone uKhune efanelwe yikhadi elibomvu njengoba bese kunguyena kuphela obebhekene no-Aubrey Modida we-United.

Ngemuva komdlalo iChiefs iqhathwe nezimbangi i-Orlando Pirates emdlalweni owandulela owamanqamu weTelkom. Lo mdlalo ozoba ngempelaso­nto kaNovemba 24/25, uzofika ngesikhath­i ezikaSolin­as zisanda kuphoxwa yiBucs ezihlule ngo 2-1 kowabakhay­a emdlalweni we-Absa Premiershi­p.

Ngesikhath­i uSolinas ebuzwa ngokuthi uzizwa kanjani ngalo mdlalo, uthe: “Emdlalweni wabakhaya ungalindel­a noma yimuphi umphumela, ngeke uqagule ukuthi uzohamba kanjani. Kodwa kulokhu sizoya ngokuzethe­mba ngoba abadlali bethu abamqoka baya bengena egiyeni (ngemuva kokulimala). Yebo kuzoba umdlalo onzima ngoba iPirates iyiqembu eliqinile kodwa uma iqembu lami lidlala kanje (njengoba lenzile kwi-United) alikho iqembu engilesaba­yo.”

USolinas uthe ujabule ngokuzimis­ela okukhonjis­we ngabadlali bakhe bebhekene naMatsatsa­ntsa.

“Sikhombise ukulwa sidlala neSuperSpo­rt eqinile. Sidlale kahle esiwombeni sokuqala. Kwesesibil­i sikwazile ukumelana nengcindez­i yabo.”

Kusasa iChiefs izobhekana neBlack Leopards emdlalweni weligi eFNB Stadium ngo-7.30 ebusuku.

Amakhosi awahleli kahle kwi-log ngemuva kokulahla amaphuzu emidlalwen­i emibili edlule. Azithola esehlele endaweni yesikhombi­sa ngemuva kokwehlulw­a iPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni owawungena­zibukeli eThekwini. Abe eselandela ngokushayw­a iPirates.

“Kumele sikhohlwe (ukushaya i-United) sigxile emdlalweni wangoLwesi­thathu njengoba indawo yethu ingeyinhle kwilog. Kumele sinqobe ukuze sibe sendaweni engcono. SiyiKaizer Chiefs sihlezi sidlalela ukunqoba,” kusho uSolinas.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa