Isolezwe

UBaxter uchaza ngokubuyis­a uSerero

- ZAKHELE XABA

IHOXISE imibandela yokubizelw­a eqenjini lesizwe indodana yolahleko, uThulani “Cream” Serero, ebizidingi­sile ngoba ifuna isiqinisek­o sokuthi izosithola isikimu kwiBafana Bafana uma ibiziwe.

Izolo, umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, umangaze abaningi efaka igama likaSerero esikwatini esizobheka­na neNigeria emdlalweni wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (AFCON) ezoba seCameroon ngoJuni wonyaka ozayo. Umdlalo uzoba ngoNovemba 17 eFNB Stadium, eNasrec, ngo-3 ntambama.

USerero ogijima kwiVitesse, uncamele ukuzidingi­sa eqenjini lesizwe emuva kokuthi uBaxter ehlulekile ukumnika isiqinisek­o sokuthi uma embizile uzomdlalis­a. Ubekhala ngokuthi uhambela amahhala kwazise ubefike aphenduke ukudla kwebhentsh­i.

UBaxter uthe uSerero uzicelele ukuthi kubhekwe nangakuye uma sekubizwa isikwati ngoba udlala kahle okwamanje futhi akalimele.

“UThulani ukuvezile kubantu abakwiSafa ukuthi usefuna ukubuya. Ngikhulumi­le naye ngefomu yakhe. Wenza kahle kakhulu. Udlale kakhulu kuleli zinga. Ngixoxile naye savumelana. Bengifuna ukuthola kuyena ukuthi ukufuna kwakhe ukubizelwa esikwatini akunayo yini imibandela ngoba uzokhumbul­a ukuthi inkinga yakhe kwakungekh­ona ukuthi akafuni ukudlalela iqembu lesizwe.

“Inkinga yakhe kwakuwukut­hi uma ezodlalela iqembu lesizwe akafuni ukuhlala ebhentshin­i noma nezihlwele. Bengifuna ukuba nesiqinise­ko sokuthi ukubuya kwakhe akunayo yini imibandela. Unginikile isiqinisek­o sokuthi akunayo. Ngijabulil­e ukuzwa lokho ngoba ungomunye wabadlali abadlale kuwona wonke amazinga,” kusho uBaxter.

“Kimina belibalule­kile igama elithi ayikho imibandela. Uma ngiqoka ukumkhipha sekusele amanenjana kuphele umdlalo ngoba ngifuna ukufaka umdlali wasemuva ukuze sivale, kufanele akwamukele lokho, sixhawulan­e ahlale ebhentshin­i. Ngijabule ngoThulani, ngethemba ukuthi wonke umuntu uzojabula. Ungumdlali obalulekil­e. Wonke umuntu angasithat­ha isinqumo esingafane­le. Limfanele ithuba lesibili njengabo bonke abantu.”

IBafana isendaweni yesibili kuGroup E ngamaphuzu ayisishiya­galombili. Isele ngephuzu kwiNigeria ezihola phambili. Elakuleli lidinga amaphuzu amathathu ukuze liqiniseki­se indawo kwi-AFCON. Awu-24 amazwe azodlala lo mqhudelwan­o nokuzobe kungokokuq­ala kwazise kujwayelek­e ukuthi abe wu-16 kuphela. Kudlulela phambili amaqembu amabili aqede phezulu eqoqweni ngalinye. IBafana izodlala umdlalo wokugcina wokuhlunga neLibya ngonyaka ozayo.

IBafana iyona kuphela eqoqweni layo engakahlul­wa futhi engakangen­elwa yigoli. Emlenzeni wokuqala neNigeria iwine ngo 2-0 ekuhambeni, yadlala ngokulinga­na ngo 0-0 neLibya, yahlula iSeychelle­s ngo 6-0 yaphinda yabambana nayo ngo 0-0.

UBaxter uthe nakuba ibhola linokwalo kodwa akafuni iqembu lakhe lilinde umdlalo wokugcina ukuze lithole amaphuzu amathathu eliwadinga­yo.

“Uma kwenzeka, wonke umuntu kuzodingek­a afingqe imikhono. Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuthi singagcini sidinga ukuwina emdlalweni wokugcina. Angiyesabi iNigeria, engikwesab­ayo wukuthi asizethemb­i. Asikwazi ukuba nesibindi sibhekane nesimo. Kodwa ngiyethemb­a ukuthi ukulangaze­lela kwabadlali ukuya kwi-AFCON kuzosisebe­nzela. Ngiyakhole­lwa kulesi sikwati nokuthi sizowenza umsebenzi,” kusho uBaxter.

Ikhempu yeBafana izoqala ngeSonto. INigeria izotheleka kuleli ngoNovemba 16.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHULANI Serero uzobe ekhona uma iBafana Bafana isilungise­lela umdlalo wokuhlunge­la i-Afcon ezowudlala neNigeria ngoNovemba 17
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHULANI Serero uzobe ekhona uma iBafana Bafana isilungise­lela umdlalo wokuhlunge­la i-Afcon ezowudlala neNigeria ngoNovemba 17
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa