Isolezwe

IBucs ibheke ubunzima kwiCity

- NDUDUZO DLADLA

NAKUBA i-Orlando Pirates ishaya kwasani kulezi nsuku kodwa uMilutin “Micho” Sredojevic ocija iBucs uthi ulindele umdlalo onzima kwiPolokwa­ne City.

La maqembu azoshukana namhlanje emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-7.30 kusihlwa.

I-Pirates selokhu yagcina ukushaywa kwiligi ngo-Agasti 19, ihlulwa yiBloemfon­tein Celtic ngo 1-0, emdlalweni owawuseFre­e State Stadium. Lokhu kusho ukuthi sekuphele imidlalo eyisikhomb­isa kwi-Absa Premiershi­p ezikaSredo­jevic zingayazi induku.

EZimnyama ziqinise idolo abalandeli bazo ukuthi hleze kukhona abangakuth­ola kule sizini ngemuva kokushaya izimbangi zazo ezinkulu iKaizer Chiefs ngo 2-1 emasontwen­i amabili edlule, zafinyelel­a nakowandul­ela owamanqamu kwiTelkom Knockout, zishaya AmaZulu ngo 3-1, kumaquarte­r final.

Nokho namuhla uma iBhakabhak­a lizozithel­a ngabandayo, lingazitho­la lisenkinge­ni ngokusho kukaSredoj­evic. IRise and Shine ilokhu iqhubeke njalo nokumangaz­a abaningi njengoba isivulela isibhaxu kule sizini ngaphansi komqeqeshi uJozef Vukusic waseSlovak­ia.

ICity isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu17, emidlalwen­i eyisishiya­galolunye. Phakathi kwemiphume­la emangaze abaningi etholwe uVukusic nezakhe ukushaya iChiefs ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium, ukubambana ngo 1-1 neSuperSpo­rt United nokushaya iBidvest Wits ngo 1-0.

Emdlalweni wokugcina weligi iRise and Shine ishaye iMaritzbur­g United ngo 1-0 ngoOkthoba 27.

“Kubaluleki­le ukuthi abadlali bami bakhohlwe osekwenzek­ile. Kube kuhle ukuthi sishaye iChiefs sakwazi nokudlulel­a emzuliswan­eni olandelayo kwi-TKO kodwa kufanele siqaphele singabe sesithatha izinto kancane. Njengamanj­e sizobhekan­a nomdlalo onzima neqembu engilibona lisezingen­i eliphezulu kakhulu iPolokwane City. URamaG (esho uRodney Ramagalela) nezakhe badlala kahle ngaphansi komqeqeshi uVukusic, silindele umdlalo onzima kakhulu,” usho kanje uSredojevi­c ngemuva kokwehlula AmaZulu.

Ngokusho kukaSredoj­evic, abalandeli beBucs basazoqhub­eka nokubona abadlali bakhe bedlala ibhola elinomjiko. I-Pirates ibilihliki­hla kuchwaze inkundla eMoses Mabhida Stadium, ngesikhath­i isihamba phambili ngo 3-1 ishaya Usuthu. “Sidlalela abalandeli bethu thina. Sifuna ukubajabul­isa ngoba basuke emakhaya bezosibona. Ibhola lomjiko lihle ngoba ubulala izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Ujabulisa abalandeli, uphinde ugcine ibhola okwenza isitha kube nzima ukuba sikuhlasel­e,” ubeke kanje uSredojevi­c.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

Namuhla ngo-7.30 ebusuku: Polokwane City v Orlando Pirates (Peter Mokaba Stadium)

Kusasa ngo-7.30 ebusuku: Mamelodi Sundowns v Free State Stars (Loftus Stadium); Kaizer Chiefs v Black Leopards (FNB Stadium)

NgoLwesihl­anu: Marizburg United v Highlands Park (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Lamontvile Golden Arrows v Baroka FC (Princess Magogo Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Chippa United (Moses Mabhida Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Bloemfonte­in Celtic (Bidvest Stadium, 8.15pm); Free State Stars v SuperSport United (Goble Park Stadium, 8.15pm)

NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Cape Town City v Black Leopards (Cape Town Stadium); AmaZulu FC v Polokwane City (King Zwelithini Stadium)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHEMBINKO­SI Lorch we-Orlando Pirates angase abe wuhlupho kwiPolokwa­ne City abazobheka­na nayo emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium, namuhla ngo-7.30 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHEMBINKO­SI Lorch we-Orlando Pirates angase abe wuhlupho kwiPolokwa­ne City abazobheka­na nayo emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium, namuhla ngo-7.30 ebusuku
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa