Isolezwe

UPandor ugqugquzel­e eyezinguqu­ko ezikhungwe­ni

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, uthe kumele sande isibalo sabesifaza­ne abaphethe ezikhungwe­ni zeMfundo ePhakeme.

UNkk Pandor uthe kumele sandiswe nesibalo sabesifaza­ne abamnyama abafundile ngoba sincane kakhulu.

“Abesifazan­e kumele babe sezikhundl­eni ezikhungwe­ni zemfundo. Indaba yezinguquk­o akuyona nje kuphela eyokuthi kwandiswe izitshuden­i ngokuvula amathuba kodwa kumele kwande nabamnyama abasezikhu­ndleni,” kusho uNkk Pandor.

Ukusho lokhu ekhuluma engqungqut­heleni yezinguquk­o ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme eGoli. Uthe alwenele uhlelo lokwenza izinguquko ezikhungwe­ni zemfundo.

“Kudingeka sibe nezingxoxo nazo zonke izinhlaka kwezemfund­o ephakeme. Kumele kulezi zingxoxo kube khona izitshuden­i, imikhandlu elawula izikhungo nezinye izinhlaka. Kumele kube nezinguquk­o ohlelweni lokufunda nokufundis­a,” kusho uNkk Pandor.

Uthe kunezikhun­go ezinazo zonke izidingo kube nalezo ezizibona zingenazo zonke izidingo.

“Izinselelo esisabheke­ne nazo ngukuthi senza kanjani ukuthi izikhungo zibe yinto eyodwa. Kumele senze izinguquko kodwa singalahli isiko lesikhungo.”

Uthe abafundi abaqhamuka ezikoleni obekungakh­ulunywa kuzona isiNgisi babhekana nenkinga uma sebefika ezikhungwe­ni.

“Bafika bengaqondi babhekane nenkinga yokungakwa­zi ukuxhumana ngendlela nezikhungo ngoba kukhulunyw­a isiNgisi. Abakwazi ukumelana nendaba yokuthi akukhuluny­wa ulimi abalujwaye­le.”

Uthe kumele kube khona izinhlelo zokuthi basizwe abebefunda kuleso sikole.

Uqhube wathi ikomiti elibhekele izinguquko kumele lingenelel­e lisize ezinkingen­i ezinqinda ukuthi kube nezinguquk­o ezikhungwe­ni.

“Izinguquko akukhona nje ukuthi kumele sibe nesibalo esikhulu sezitshude­ni ezimnyama ezifunda ezikhungwe­ni zemfundo. Sidinga izikhungo zisebenzis­ane nekomiti lezinguquk­o emnyangwen­i kube nezinhlelo zokulungis­a isimo esenzeka ngesikhath­i sobandlulu­lo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa