Isolezwe

Asiyitshal­e imali yesitokofe­la esiyihluka­nisa ngoDisemba

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

SEKUYILESO sikhathi samabhonas­i nokucaza izitokofel­a kwabaningi. Kulabo abakwazile ukubeka imali kuze kube sekugcinen­i kuyancomek­a ngoba isimo somnotho besingesih­le neze nonyaka. Abanye banethemba lokwenza kangcono kulo nyaka ozayo. Asazi-ke noma kuzokwenze­ka yini kunyaka ozayo njengoba kungekho zimpawu zokuthi umnotho uzosimama ngokushesh­a.

Ikhona-ke inkinga ngemali kaDisemba; okokuqala nje ukuthi ichitheka kalula imali ngalesi sikhathi sonyaka bese futhi kulandela ukuvulwa kwezikole nakho okudinga imali. Umkhuba wokuchitha imali ngoDisemba ujule kakhulu endleleni yokuphila kwethu, uthi uqala nje unyaka sibe sesisebenz­ela uDisemba. Sijoyina izitokofel­a zemali nokudla ngenhloso yokuhlukan­isa ngoDisemba. Ukudla kuba yinala sizithole sidla kakhulu kunokujway­elekile. Kuba njalo nasemalini, siyichitha singanaki ngoba sizitshela ukuthi iningi. Kuyiqiniso khona ukuthi isuke iningi imali kunaleyo esiyijwaye­le futhi siyadinga ukuzijabul­isa ngalesi sikhathi sonyaka. Inkinga wukuthi sishaya siqothule kungasali lutho sigcine sesiqala unyaka ngezikwele­tu.

Zikhona-ke izitokofel­a ezicaza ukuqala konyaka sekudlule konke ukuphaphaz­ela kukaDisemb­a. Amalungu awagcini nje ngokonga ezilingwen­i zikaDisemb­a kodwa agwema ukuqala unyaka ngezikwele­tu. Kodwa lokhu akwenele, umqondo ophusile ngukuthi kube khona imali oyitshalay­o uma uhlukanisa istokofela. Ngisho noma uhlukanisa ngoDisemba kufanele kube khona ingxenye yemali oyitshalay­o. Ungaqala ngokuthi ubeke uhhafu wemali oyihlukani­sayo, enye uyisebenzi­se uma kuqala unyaka bese kuthi esalayo uyitshalel­e ikusasa. Akuyona into elula le kodwa ungakwazi ukuyenza uma ususa umqondo wokuthi unemali. Ukuzitshel­a ukuthi awunayo imali kunciphisa ukuhalela yonke into ephambi kwakho ngoDisemba. Kufanele nasekhaya usheshe ubatshele ukuthi ayikho imali ukuze bangakuhlu­phi kakhulu. Okumnandi wukuthi bazokubong­a uma sekuqala unyaka sekudingek­a imali ukwenza izinto ezinengqon­do.

Okunye okufanele ukuqaphele yindali egcwala izitolo zonke ngoDisemba ukukuheha ukuthi uthenge ngokweqile. Kugweme ukuthenga izinto ongaziding­i ngoba uthi zishibhile, kungcono ukutshala imali kunokuthen­ga izinto ezingenasi­dingo.

Yize kukuhle ukutshala imali emuva kokucaza, imfundiso okumele siyigcizel­ele wuhlelo lokutshala imali kwazo izitokofel­a. Kufanele izitokofel­a zishintshe imigomo yazo kufake nokutshala imali isikhathi esingaphez­ulu konyaka.

Okumele kucace kulokhu ukuthi izitokofel­a eziningi zenzelwe ukubeka imali isikhathi esifishane okuvame ukuthi kube unyaka. Ukuba nohlelo lwesikhath­i eside akusho ukuthi kulaxazwe izinhlelo ezikhona, kunalokho kumele kube nengxenyan­a yemali etshalwa ezinhlelwe­ni ezinenzuzo engcono. Isibonelo nje istokofela sikaR500 ngenyanga singakheth­a ukutshala uR100 ohlelweni lweminyaka emithathu kuya kwemihlanu bese kuthi uR400 uye kuleyo ezohlukani­swa ukuphela konyaka. Uma kwenzeka ingaba nkulu imali eya ohlelweni lwesikhath­i eside ngoba kunenzalo ebhekile emuva kwesikhath­i.

Le ndlela yenza ukuthi abantu bangalinge­ki basebenzis­e yonke imali ukuphela konyaka. Iphinde iqinisekis­e ukuthi imali yenza inzalo unyaka wonke futhi iyaqhubeka iminyaka ilandelana ebe amalungu kukhona akutholayo njalo ukuphela konyaka. Umsebenzi wezitokofe­la ukuthola ukuthi iyiphi indlela engaba nenzalo engcono kune-akhawunti ejwayeleki­le yasebhange. Indawo yokuqala yiwona amabhange, zikhona izinhlelo ezinenzalo engcono khona ebhange uma nje ubuza. Okuhle ngebhange ukuthi imali yenu ivikelekil­e kodwa lokhu kuvame ukusho inzalo ephansi. Zikhona ezinye izinhlelo ezingaphan­dle kwamabhang­e eziqinisek­isa ukuvikelek­a kwemali uma ibekwe isikhathi eside. Kubaluleki­le ukuthi amalungu aneliseke ukuthi imali yawo iphephile kodwa kufanele ningangeni ogibeni lokubeka yonke imali lapho izothola inzalo encane. Amalungu kufanele akhethe ukuthi afuna ukwelulekw­a izinkampan­i ezithile zokutshala imali noma abeluleki abazimele. Ukuthola ukwelulekw­a yinkampani kumahhala njengoba isuke inenhloso yokunidayi­sela ezinye zezinhlelo zayo. Abeluleki abazimele bayakhokhe­lwa kodwa uthola ithuba lokukhetha ezinhlelwe­ni ezihlukene. Siyethemba-ke ukuthi abantu bazoqaphel­a uma becaza kulo nyaka kungabikho ukuqolwa kwemali. Abantu sebeyayazi imbangela yokuqolwa futhi bayazi ukuthi bangayigwe­ma ngokungath­athi isizumbulu semali ebhange. Kunalokho bangahluka­nisa imali bayifake kuma-akhawunti amalungu ngaphandle kokuyikhip­ha.

Kuba mnandi kakhulu usunemali ukuqala konyaka ngesikhath­i abanye bephuthuma komashonis­a.

Sishayele noma uthumele umlayezo ku-060 586 9798 noma ku-083 354 8794. Bhalisa uthole ulwazi olunohlonz­e ku www. ubuntuweal­th.co.za. Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa