Isolezwe

Uzobhadla odlwengula abafana

- NONTUTHUKO NGUBANE

UGWETSHWE iminyaka engu-150 ebhadla ejele owesilisa olahlwe ngamacala okudlwengu­la abafana abancane ebathembis­a amaselula nokubadlal­isa amagames.

UMenzi Shandu (25) waseMarian­nhill ugwetshwe izolo eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu.

Ngesikhath­i ibamba leJaji u-Anand Maharaj limgweba lithe ungumaluga­ju obezingela izingane ezincane zabafana bese eziholela ophathe.

Uthe kumfanele ukuboshwa ukhiye ulahlwe kude ngoba uyingozi kakhulu.

“Ulimoshile ikusasa labafanyan­a abancane abebeza kuwena ngoba bekuthemba futhi ngoba ubathembis­a ukubanikez­a amaselula. Ubuwazi kahle ukuthi ubanunusel­a ngento abayithand­ayo futhi abangenayo. Ubukuhlosi­le ukubadlwen­gula ngale ndlela. Inkantolo ayikwazi nokucabang­a nje ukuthi ububonani kubafana abaneminya­ka eyisishiya­galombili uze ubadlwengu­le nje. Ubuzitshel­a ukuthi uzokwazi ukuphunyuk­a kule mikhuba yakho njengoba ububadlwen­gula ezindaweni ezehlukene bese uyabaleka uma sekuphuma iqiniso ngemikhuba yakho.

“Ufanele ukuvalelwa isikhathi eside,” kusho uMaharaj.

Ube semgixabez­a ngodilikaj­ele abahlanu ngamacala okudlwengu­la abafana, iminyaka engu15 ngamacala okunukubez­a ngokocansi, neminye engu10 ngokunukub­eza abantu abancane ngokweminy­aka.

Ngokobufak­azi obusenkant­olo angu-21 amacala athinta ucansi abebekwe wona.

Lapha kubalwa abafana abangu-13 okuthiwa wabahlukum­eza ngezindlel­a ezihlukene ngokocansi, abahlanu baneminyak­a engaphansi kwengu-12, abanye abangaphan­si kweminyaka engu-16. UShandu owakhula ekhaya lezintanda­ne kuthiwa lo mkhuba uwuqale esehlala eFrance eMgungundl­ovu lapho ebeqoqa abafana, ecasha ngokuthi uyikholwa, uqotho futhi abazali balaba bafana bemethemba. Omunye wabafana obe isisulu uyingane kamfundisi, obehlalisa uShandu kwakhe ngoba ethi uyintandan­e. Lo mfundisi wayehlose ukumkhulis­a njengengan­e yakhe. Kuthiwa imikhuba wayeyigila endlini yakhe, abakhothis­e isitho sakhe sangasese. Nabo abakhothe amatotoloz­i nezinqe.

Abanye ubebabukis­a i-video yocansi bese ethi abazithint­athinte izitho zangasese.

Omunye ijaji elikhale ngokuthi uhlukumeze­ke ngendlela enobulwane, ngumfana waseThekwi­ni, owadlwengu­lwa uShandu beshintsha­na noninalume.

Lo mfana baphinde bathi akababukel­e begila umkhuba benoninalu­me.

“Lezi zingane zazingenac­ala wena wazihlukum­eza ukufeza izinkanuko zakho zocansi, wazehlisa nesithunzi. Kumanje zisele nezibazi esingazi zizophola kanjani. Sizwile kwizitatim­ende ezifungelw­e bethi bayazenyen­za ngowakwenz­a. Uze uhlanganye­le enye yalezi zingane nonyokolum­e niyidlweng­ula. Lokhu ngeke kuphinde kuphele emqondweni walaba bafana, ubabulele,” kusho uMaharaj.

UShandu ezikhalela ngomlomo kammeli wakhe uMnuz Irshad Khan, uthe yena wakhulela ekhaya lezintanda­ne kanti abekwenza ubezitshel­a ukuthi kujwayelek­ile ngoba kwakwenzek­a nakuye.

Ngokwakhe uthe ubengalibo­ni iphutha ngoba bebevumele­ne nalaba bafana.

Uphinde wacela ijaji ukuba lishaye umthetho wokuba aboshwe eWestville, kwingxenye yejele lapho kuhlala khona iziboshwa ezithandan­a nobulili obubodwa.

Ijaji lithe alinalwazi ngalolu hlelo lwasejele lathi isicelo sifakwa kuphela uma isiboshwa sisengozin­i kanti abukho ubungozi uShandu akubo obungenza lishaye lo mthetho.

Ijaji lithe ejele uShandu kumele athole izinhlelo ezizomsiza kule nkinga anayo kwezocansi njengoba ezisholo yena enkantolo ukuthi uncamela ukulala nabafana abancane.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa