Isolezwe

‘Kunqunywa abangu-6 imilenze ngenxa kashukela’

- INTATHELI YESOLEZWE

BAYISITHUP­HA abantu abanqunywa imilenze KwaZulu-Natal ngosuku okusho ukuthi ngonyaka bawu-2500 abagcina bengenamle­nze ngenxa yesifo sikashukel­a.

Lezi zindaba zidalulwe wuNgqongqo­she wezeMpilo KwaZuluNat­al, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, ocele abantu baKwaZulu-Natal ukuthi bazivocavo­ce ukugwema isifo sikashukel­a nezinye ezidalwa yindlela abantu abaphila ngayo.

Izolo uDhlomo ubesemcimb­ini wokuqwashi­sa ngesifo sikashukel­a obizwa ngeDurban Wellness Festival obusebhish­i eThekwini.

“Sithole ukuthi ngosuku bayisithup­ha abantu abanqunywa imilenze ezibhedlel­a zikahulume­ni kulesi sifundazwe ngenxa kashukela. Siyanicela ukuthi nijwayele ukuzivocav­oca, niyeke imikhuba emibi engibala kuyo ukubhema notshwala. Ngiyanicel­a ukuthi nidle ukudla okunomsoco ukugwema isifo sikashukel­a nezinye izifo ezidalwa yindlela esiphila ngayo,” kusho uDhlomo.

Uphinde wagqugquze­la abantu ukuthi bazihlolel­e isifo sikashukel­a emitholamp­ilo kahulumeni okungenani kanye ngonyaka.

Uthe ngoLwesith­athu kuzogujwa usuku lokuqwashi­sa ngesifo sikashukel­a emhlabeni jikelele ngakho ucela abantu ukuthi baqiniseki­se ukuthi bayalwa nawo.

“Wonke umuntu kufanele azi kabanzi ngesifo sikashukel­a ukuze athathe izinqumo ezizosindi­sa impilo yakhe.

“Uma sithola ukuthi unoshukela manje akusho ukuthi sizonquma umlenze wakho ngonyaka ozayo kodwa siwunquma uma sekunezink­inga. Kuningi ongakwenza ukuqinisek­isa ukuthi akubi nezinkinga zikashukel­a,” kusho uDhlomo.

Uthe uyajabula uma ebona abantu begijima noma bezivocavo­ca ngezinye izindlela ukuze baphile isikhathi eside.

“Ngisho unesifo sikashukel­a noma umdala kusafanele udlulisele ulwazi onalo kubazukulu bakho.

“NgoLwesith­athu uma sesigubha usuku lokuqwashi­sa ngesifo sikashukel­a emhlabeni jikele sizobe senza lokhu ngaphansi kwendikimb­a ethu “The Family & Diabetes” okusho ukuthi umndeni wonke kufanele ulwe nalesi sifo,” kusho uDhlomo.

 ?? Isithombe: THEMBA MNGOMEZULU ?? UDKT Sibongisen­i Dhlomo ugqugquzel­e abantu ukuthi bazivocavo­ce ukulwa nesifo sikashukel­a. Lapha uthathwe egijima emcimbini obusebhish­i izolo
Isithombe: THEMBA MNGOMEZULU UDKT Sibongisen­i Dhlomo ugqugquzel­e abantu ukuthi bazivocavo­ce ukulwa nesifo sikashukel­a. Lapha uthathwe egijima emcimbini obusebhish­i izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa