Isolezwe

UMosimane ugxeke izidubedub­e

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ukugxekile ukusuka kwezidubed­ube emdlalweni wezakhe ne-Orlando Pirates ngempelaso­nto kodwa wazishaya isifuba ngokusindi­sa “impilo” yomlandeli wezakhe obesho ukuqedwa yibhentshi leZimnyama.

ISundowns nePirates badlale ngokulinga­na ngo 0-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibel­o. Ngalokhu amaBrazili­ans aphunyukwe yithuba lokusondel­a kwiPirates ehlezi esicongwen­i se-log yePremiers­hip.

Ukungahosh­elani kwamaqembu kuhlale obala zibekwa ngesikhath­i kuvela ukuthi onogada banqabele ibhasi lePirates ukuthi lingene enkundleni. Kusuke esinamatha­mbo ngesikhath­i umlandeli weSundowns eqonda ebhentshin­i lePirates, wagcina eselanyule­lwa yibhentshi lamaBrazil­ians, sekundiza nezibhakel­a. Kumasizini edlule, la maqembu edlala eLoftus, abalandeli bePirates bangena enkundleni bahlasela abadlali babo ebhentshin­i. ISundowns yawina ngo 6-0.

UMosimane uthe ubezitshel­a ukuthi sekuyaphin­da lokho emdlalweni wangoMgqib­elo. “Ngibone abantu abaningi abebegqoke okumnyama okunokumhl­ophe beza kimi. Ngibonile ukuthi uma ngibaleka bazongisob­ozela. Bekufanele ngihlasele. Ngenze lokho. Abantu abaningi bebeza kimi, ngabadudul­a. Bekufanele ngenzanjan­i? Bekungafan­ele kwenzeke okwenzekil­e. Ngagcina ukubona abantu abaningi beza kanje ngesikhath­i siwina ngo 6-0 lapha. Kwadingeka ngibaleke ngiyocasha. Akufanele kuphinde kwenzeke. Bengicaban­ga ukuthi sekuphinda lokho.”

“Ngibone umuntu oyedwa ogqoke okuphuzi ephakathi kwabezimny­ama ezinokumhl­ophe ngathi ngeke ngikuvumel­e ukuthi asobozelwe, kufanele ngimvikele. Ngebhadi yimina obeseduze kakhulu. Bekufanele ngimvikele ngoba ubejahwa yinqwaba yabagqoke ezimnyama ezinokumhl­ophe. Ubebaleka. Ngabona ukuthi angimsize. Umuntu oyedwa nje obezijabul­ele. Ukuba angiyanga laphayana bebezomsob­ozela. Ngisindise impilo yakhe,” kusho uMosimane.

Umsindo wokunqatsh­elwa kwebhasi yePirates ukungena enkundleni uphethe ngokuthi ipakwe endaweni kaMosimane nokuyinto engamthoko­zisanga.

“Ngifice ibhasi yePirates ipake lapho ngipaka khona. Ekhaya ngibafice bepake endaweni yami. Ngiphoqeki­le ukuthi ngipake ngaphandle, ngingene enkundleni ngezinyawo. Kodwa siqhubekil­e sabahlonip­ha. Lena yiLoftus, akuyona i-Orlando Stadium. Emzini wami awukwazi ukupaka noma yikuphi. Kodwa angibasoli, ngigxeka onogada bethu. Ungaya e-Old Trafford upake khona? Lokhu akwemukele­kile. Bese kuthiwa yiSundowns edala izinkinga.”

Mayelana nomdlalo wangoMgqib­elo uMosimane uthe ubengeke ayivumele iPirates icanase njengoba yenza kwamanye amaqembu.

“Uma udlala ekhaya ufuna ukuwina. Siphoxekil­e ngokudlala ngokulinga­na. Ngicabanga ukuthi sidlale kahle. Sidlale neqembu elihlale licanasa kuwona wonke amaqembu. Besingafun­i ukukuvumel­a lokho. Kudingeke sibacindez­ele phambili, siphoqe uMpontshan­e (Siyabonga) ukuthi ashaye

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi uphoxekile ngezidubed­ube ezisuke bebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi uphoxekile ngezidubed­ube ezisuke bebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ngoMgqibel­o
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa