Isolezwe

Inkosi isola umnyango kolombango wezinduna

- INTATHELI YESOLEZWE

IYAVEVA inkosi yakwaNgobe­se eNquthu esola uMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu ngombango wezinduna osuphazami­sa imihlangan­o yentuthuko.

Lokhu kulandela uthuthuva oluqubuke emhlanganw­eni obubizwe yinkosi uThathezak­he Ngobese kwaLuvisi ukuba kuzochazel­wa umphakathi ngesinqumo sokuxoshwa kukaMnuz Bhekizenzo Ngobese ukuze kufakwe uMnuz Mthandeni Buthelezi.

Abeseka induna uButhelezi bafuna induna uNgobese iyibuyise yonke imali yomholo wanyanga zonke onguR8 000 abeyihola kusuka ngo-2015, exoshwa.

“Sisola ubugebengu kulolu daba, kukhona umkhonyovu owenziwa yinduna uNgobese nezisebenz­i zomnyango ngakho sifuna ayibuyise yonke le mali ukuze ibuyiselwe kuButhelez­i. Asikwazi ukuthula sibuke kusatshisw­a uButhelezi sikhona ngoba naye uzele,” kusho omunye wamalungu omndeni kaButhelez­i.

Abaseka uNgobesena­bo bayabhoka njengoba bethi abazi ukuthi inkosi yayixhuman­e nobani ngesikhath­i imxosha esikhundle­ni.

UNgobese uthe akazicelel­anga ukuhola kodwa izikhulu zoMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu ehhovisi lesifunda eliseDunde­e ezimcelile ukuba asayine ukuze ahole. Uthe yena ngeke ayeke ukubiza imihlangan­o ngoba uzombopha uhulumeni ukuthi udla imali yakhe engasebenz­i.

UButhelezi ukhala ngokuthi usephazami­seke kaningi ezama ukubiza imihlangan­o yentuthuko. Inkosi uNgobese iyaveva ngalesi simo. “Uyazi kuyona yonke le nto ngisola izisebenzi zomnyango ezixova izinto. Mina ngixoshe umuntu esikhundle­ni zona zamkhokhob­isa zayomsayin­isa ngaphandle kwami ehholo iVA Makhoba. Ngisho intsha ibikhuluma ekuthanday­o ngami. Mina ngabizwa yizikhulu zomnyango ngalolu daba ngazichaze­la ukuthi uNgobese akaseyona induna sengimxosh­ile. Zasuka zathi uma ngingamsay­ineli ayikho induna yami ezohola. Ngabona ukuthi kungaba wubulima ukungasayi­ni bese kulimala zonke izinduna ngomuntu oyedwa ngagcina ngisayina. Namanje ngibabuzil­e ukuthi lisafunani igama likaNgobes­e ngoba akasiyo induna kunesikhul­u esingitshe­le ukuthi ikhompyuth­a emfakile ngabuza ukuthi kanti ikhompyuth­a lena ayisetshen­ziswa yini abantu,’’ kusho inkosi uNgobese.

Okhulumela umnyango, uMnuz Lennox Mabaso, uthe ngokwemini­ningwane yabo uNgobese waphuma esikhundle­ni ngo-2015.

Uthe bona njengomnya­ngo abahlangan­i nokuqokwa noma ukuxoshwa kwezinduna ngoba ezamakhosi ngakho uma ixoshiwe kusuke kuyilungel­o lenkosi ukwenzenja­lo abayiphiki­si.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa