‘Ngacindezwa ngokuqoka uGama’
OWAYENGUNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni, uNksz Barbara Hogan, uthi wayekade ecindezwa ukuthi aqokele owayeyisikhulu sakwaTransnet, uMnuz Siyabonga Gama, esikhundleni yize wayebekwe icala kodwa wagcina engamqokanga.
UNkk Hogan uveze lezi zindaba izolo ngesikhathi ethula ubufakazi kwikhomishini yeJaji Raymond Zondo ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana.
“Ngangilindele obengumengameli engameli Jacob Zuma angivikele ngoba ngabika ukuthi angikwazi ukuqoka uGama ngenxa yokuthi ubekwe icala. Akazange angivikele kodwa wangilaxaza. Ngangibizwa ngomuntu ongahambisana noguquko ngesikhathi ngibika ukuthi angikwazi ukuqoka umuntu onamacala. Okubuhlungu wukuthi lokhu kwakushiwo enhlanganweni yami engiyithandayo i-ANC,” kusho uNksz Hogan.
Uthe uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni njengamanje, uMnuz Pravin Gordhan, wayefake isicelo sokuphatha iTransnet kodwa wahoxa.
“Mina ngangifuna ukuqoka umuntu onamagalelo ngoba kwakusanda kuba nenzikamnotho emhlabeni jikelele. Ngiyakuqonda ukuthi iTransnet yinkampani enkulu okuthi uma kukhona okungahambi kahle kuyo kuthikamezeke umnotho wezwe. Ibhodi yeTransnet eyayinabantu abamnyama abaningi yaphakamisa ukuthi kuqokwe uGordhan ngenxa yamava akhe kodwa ozakwethu kuhulumeni bangitshela ukuthi bafuna uGama,” kusho uNksz Hogan.
Uthe kwathi sekuvela ukuthi uGama ubhekene necala lokungalandeli imithetho ethile yokusebenza, ibhodi yaphoqeleka ukuthi libheke omunye umuntu.
Kwaqokwa uMnuz Chris Wells ukuthi abambe okwesikhashana ngesikhathi kusabhekwa isikhulu esizophatha iTransnet. UWells wayephethe ezezimali.
Uthe ibhodi yaphakamisa igama likaMnuz Sipho Maseko ophethe iTelkom njengamanje, abanye babephakamisa uMnuz Anoj Singh.
“Ngesikhathi ngiyohlangana nomengameli (Zuma) ngaxakeka ukuthi akamfuni omunye umuntu kodwa uzifunela uGama. Ngangithi akungene uMaseko ngenxa yokuthi uGama unamacala kufanele kuphenywe. Umengameli wathi ngeke ngiqoke muntu ngaphandle kukaGama. Nganqaba emuva kwalokho ngaxoshwa,” kusho uNksz Hogan.
Uthe uGama wayebhekene necala lokungalandeli umthetho ngesikhathi kukhishwa ithenda kaR18 million eyanikwa inkampani yonogada kalowo owayewumkhuzi wamasosha uGeneral Siphiwe Nyanda.
UGama walahlwa yicala ngo-2010 waxoshwa kodwa waphinde wabuya emuva kokulwa nesinqumo sokuxoshwa kwakhe.
UNksz Hogan uchaze uGama njengendoda enabangani kwipolitiki futhi ekwaziyo ukusebenzisana nabezindaba.
Kumanje uGama usanda kuxoshwa eTransnet njengoba sekunebhodi entsha eholwa nguDkt Popo Molefe othe ngisho uGama angalwa nesinqumo sokumxosha kodwa ngeke bambuyisele esikhundleni sakhe.
UMolefe ukhale ngokuthi akusebenzeki kahle noGama futhi ibhodi kalibuthembi ubuholi bakhe.
UGama wathi uzokhuluma ngesikhathi esifanele ngoba ukuxoshwa kwakhe eTransnet akufanele futhi kuliwa naye siqu.