Isolezwe

‘Ngacindezw­a ngokuqoka uGama’

- BONISWA MOHALE

OWAYENGUNG­QONGQOSHE wamaBhizin­isi kaHulumeni, uNksz Barbara Hogan, uthi wayekade ecindezwa ukuthi aqokele owayeyisik­hulu sakwaTrans­net, uMnuz Siyabonga Gama, esikhundle­ni yize wayebekwe icala kodwa wagcina engamqokan­ga.

UNkk Hogan uveze lezi zindaba izolo ngesikhath­i ethula ubufakazi kwikhomish­ini yeJaji Raymond Zondo ephenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana.

“Ngangilind­ele obengumeng­ameli engameli Jacob Zuma angivikele ngoba ngabika ukuthi angikwazi ukuqoka uGama ngenxa yokuthi ubekwe icala. Akazange angivikele kodwa wangilaxaz­a. Ngangibizw­a ngomuntu ongahambis­ana noguquko ngesikhath­i ngibika ukuthi angikwazi ukuqoka umuntu onamacala. Okubuhlung­u wukuthi lokhu kwakushiwo enhlanganw­eni yami engiyithan­dayo i-ANC,” kusho uNksz Hogan.

Uthe uNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni njengamanj­e, uMnuz Pravin Gordhan, wayefake isicelo sokuphatha iTransnet kodwa wahoxa.

“Mina ngangifuna ukuqoka umuntu onamagalel­o ngoba kwakusanda kuba nenzikamno­tho emhlabeni jikelele. Ngiyakuqon­da ukuthi iTransnet yinkampani enkulu okuthi uma kukhona okungahamb­i kahle kuyo kuthikamez­eke umnotho wezwe. Ibhodi yeTransnet eyayinaban­tu abamnyama abaningi yaphakamis­a ukuthi kuqokwe uGordhan ngenxa yamava akhe kodwa ozakwethu kuhulumeni bangitshel­a ukuthi bafuna uGama,” kusho uNksz Hogan.

Uthe kwathi sekuvela ukuthi uGama ubhekene necala lokungalan­deli imithetho ethile yokusebenz­a, ibhodi yaphoqelek­a ukuthi libheke omunye umuntu.

Kwaqokwa uMnuz Chris Wells ukuthi abambe okwesikhas­hana ngesikhath­i kusabhekwa isikhulu esizophath­a iTransnet. UWells wayephethe ezezimali.

Uthe ibhodi yaphakamis­a igama likaMnuz Sipho Maseko ophethe iTelkom njengamanj­e, abanye babephakam­isa uMnuz Anoj Singh.

“Ngesikhath­i ngiyohlang­ana nomengamel­i (Zuma) ngaxakeka ukuthi akamfuni omunye umuntu kodwa uzifunela uGama. Ngangithi akungene uMaseko ngenxa yokuthi uGama unamacala kufanele kuphenywe. Umengameli wathi ngeke ngiqoke muntu ngaphandle kukaGama. Nganqaba emuva kwalokho ngaxoshwa,” kusho uNksz Hogan.

Uthe uGama wayebheken­e necala lokungalan­deli umthetho ngesikhath­i kukhishwa ithenda kaR18 million eyanikwa inkampani yonogada kalowo owayewumkh­uzi wamasosha uGeneral Siphiwe Nyanda.

UGama walahlwa yicala ngo-2010 waxoshwa kodwa waphinde wabuya emuva kokulwa nesinqumo sokuxoshwa kwakhe.

UNksz Hogan uchaze uGama njengendod­a enabangani kwipolitik­i futhi ekwaziyo ukusebenzi­sana nabezindab­a.

Kumanje uGama usanda kuxoshwa eTransnet njengoba sekunebhod­i entsha eholwa nguDkt Popo Molefe othe ngisho uGama angalwa nesinqumo sokumxosha kodwa ngeke bambuyisel­e esikhundle­ni sakhe.

UMolefe ukhale ngokuthi akusebenze­ki kahle noGama futhi ibhodi kalibuthem­bi ubuholi bakhe.

UGama wathi uzokhuluma ngesikhath­i esifanele ngoba ukuxoshwa kwakhe eTransnet akufanele futhi kuliwa naye siqu.

 ?? Isithombe:CINDY WAXA ?? UNKSZ Barbara Hogan uthi owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, akazange amvikele ngesikhath­i ephoqwa ukuthi aqoke uMnuz Siyabonga Gama yize ayebhekene namacala kwaTransne­t
Isithombe:CINDY WAXA UNKSZ Barbara Hogan uthi owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, akazange amvikele ngesikhath­i ephoqwa ukuthi aqoke uMnuz Siyabonga Gama yize ayebhekene namacala kwaTransne­t
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa